
UCardoso ucacisa eyesimo namahlebezi ngoRonwen Williams
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, usephawule ngamahlebezi aqhubekayo ngokunyamalala kukanozinti uRonwen Williams eqenjini lakhe.
UCardoso ugcizelela ukuthi lo kaputeni weBafana Bafana akalimele kangako, futhi angase abuye maduze nje.
URonwen Williams ubengekho emidlalweni yakamuva yeSundowns okuqubule amahlebezi njengoba iqembu lingasivezanga isizathu sokungabi bikho kwakhe.
Ubengekho benqoba oweBetway Premiership behlula iSekhukhune United nangempelasonto edlule behlulwa kabuhlungu ngo-2–1 yi-Al Hilal koweCaf Champions League.
Ukungabi khona kwakhe kuqubule amahlebezi okuthi lo nozinti uhoxisiwe ngenxa yokwehlelwa yifomu yakhe muva nje.
Kodwa-ke, uCardoso uthi lesi sinqumo besiyisinyathelo sokumvikela nje njengoba lo nozinti enokulimala okuncane obekumhlupha.
“Kuhlale kunezinkinga ezincane ngemuva kwemidlalo,” kuchaza uCardoso. “Kwesinye isikhathi abasho ukuthi umdlali ulimele kakhulu.
“Kodwa lezo zimo zidinga ukuphathwa ngokucophelela ukuze sigweme ukumgqilaza ngokweqile.
“Kwezinye izimo, size sinqume ukumphumuza umdlali njengesinyathelo sokuzivikela, hhayi ngoba elimele kakhulu.”
Lo somaqhinga weSundowns uveze ukuthi uWilliams uthole ukuthinteka emsipheni wangaphakathi ethangeni.
Kodwa ugcizelele ukuthi akukhona ukulimala komsipha futhi akukho kubi kakhulu.
“URonwen ube nokuthinteka okuncane nje. Akuyona into ezomhlalisa ngaphandle isikhathi eside.
“Sinethemba lokuthi angase abuye ngokushesha futhi mhlawumbe nje kule mpelasonto,” kusho uCardoso.
Lo mqeqeshi odabuka ePortugal uphinde wagqamisa ukuthi ubaluleke kangakanani uWilliams eqenjini.
Uveze ukuphawula komqeqeshi we-Al Hilal uLaurentiu Reghecampf, ovumile ukuthi bebezilungiselele ngendlela ehlukile ngoba uWilliams ubengekho.
“Lokho kukodwa kukhombisa ukuthi ubaluleke kanjani uRonwen kuleli qembu,” kwengeza uCardoso.
“Ukuba khona kwakhe kushintsha indlela izimbangi ezisihlelela nezidlala ngayo nathi.”
Umakadebona kanozinti uDenis Onyango nguye obuyele epalini ngesikhathi uRonwen Williams.
UCardoso uphinde waqinisekisa ukuthi uyamethemba ngokugcwele u-Onyango nabo bonke abadlali abakhona eqenjini.
FUNDA NALA | UPhala uphalaza iqiniso ngesimo sikaMbule kwiBucs
Uveze ukuthi u-Onyango naye unokuthinteka okuncane anaho kodwa ukulungele ukudlala.
ISundowns manje isibheke kwiNedbank Cup, lapho izobhekana khona neGomora United ngoLwesithathu ebusuku eLoftus Stadium – umdlalo uzoqala ngo-7pm.
Kuzobhekwa ngabomvu ukubona ukuthi uWilliams uyabuya yini noma kuzoqhubeka u-Onyango epalini – noma-ke kuzonikwa uReyaad Pieterse ithuba elingandile.
