Ezintsha

ICity ‘isivumile’ ngo-Appolis, sekubhekwe azophelela kulo

U-Appollis useqede iminyaka emibili kwiCity lapho egqame khona futhi waheha amehlo amanye amakilabhu.

Le kilabhu yaseLimpopo yamhlwitha eqenjini leMotsepe Foundation Championship iPretoria Callies eminyakeni emithathu edlule.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi ayekade engakwazanga ukuzakhela igama kwiSuperSport United, yamdedela wathathwa yiCallies. 

Kodwa isikhathi sakhe kwiPolokwane City sesiguqule izinto zalo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala.

Usengomunye wabadlali abayizethenjwa kwiBafana Bafana kanti kuthiwa inani lakhe selikhuphuke lafinyelela ku-R15 million.

Nokho bekunokukhathazeka ngefomu yakhe kule sizini. Kungenzeka ukwehla kwefomu yakhe kube ngenxa yokungaphumeleli kokudluliselwa kwakhe kwelinye iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini.

U-Appolis ubemataniswa kakhulu neziqhwaga zase-Algeria, i-MC Alger futhi kwabikwa ukuthi kwase kuvunyelwene ngemali yokudayiselana.

Nokho usihlalo wePolokwane City uJohnny Mogaladi wajika umqondo ngomzuzu wokugcina, wayichitha le kilabhu yasenhla ne-Afrika.

IKaizer Chiefs nayo yafika izofongqa isigqoko, kodwa nayo yabuyela emuva ilambatha uMogaladi engazimisele ngokuhlukana nomdlali wakhe ovelele. 

Kodwa-ke, ulwazi olusha luphakamisa ukuthi izinhlelo zokufuna ozovala isikhala sakhe kwiPolokwane City seziqalile. 

Emidlalweni ayidlalile, u-Appolis usashaye amagoli amabili kuphela futhi wakhela ozakwabo elilodwa kule sizini.

Uzithole ekhishwa ngaphambi kwehora emidlalweni emibili edlule ngenxa yokwehlelwa yifomu kwakhe.

Amahlebezi avela kule kilabhu yaseLimpopo aveza ukuthi uzodedelwa ngewindi elilandelayo.

Nokho lokho kuncike ekutheni uMogaladi aneliseke ngokuzobekwa etafuleni yiqembu elimfuayo.

Kunabadlali abambalwa ababhekwayo ukuvala isikhala sakhe, ngokombiko weKickOff

Inkontileka ka-Appolis neCity ayikezuphela ekupheleni kwale sizini.

Noma yimaphi amakilabhu amdingayo, kuzofanele akwazi ukudlala ngenkotha ukuze akholise uMogaladi ukuthi adayise.