EzintshaMamelodi Sundowns

Usahohoza uMngqithi ngoMudau noMokoena

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usekhulume ngokungabi bikho kukaTeboho Mokoena noKhuliso Mudau eqenjini lakhe. 

Laba badlali beBafana Bafana bebengekho emidlalweni emine edlule yeSundowns kuyo yonke imiqhudelwano.

UMokoena noMudau badlale kowandulela owamanqamu weMTN8 bebhekene neStellenbosch FC. 

Ngemuva kokukhishwa kweSundowns kulo mqhudelwano, abakaze babonakale kusukela lapho.

UMngqithi usebenzise uRivaldo Coetzee, uSphele Mkhulise, uBathusi Aubaas noMarcelo Allende maphakathi nenkundla. 

Esikhaleni sikaMudau kusetshenziswe uThapelo Morena noZuko Mdunyelwa. 

Laba bobabili bebebalulekile kwiSundowns ngesizini edlule ngesikhathi inqoba i-African Football League (AFL) nesicoco sayo seligi sesikhombisa kulandelana.

UMokoena udlale imidlalo engu-37, kwathi uMudau wadlala imidlalo engu-36 kuyo yonke imiqhudelwano. 

Yize bengabadlali abamqoka kodwa badonsa kanzima kulokhu njengoba beqiwa yijezi.

UMngqithi uchaze ukuthi leli qembu linabadlali abaningi abanekhono eliphezulu abaqhudelana ngezindawo.

“ISundowns inabadlali abaningi abanamagama,” kusho uMngqithi. 

“Bonke abadlali abasezingeni eliphezulu bayadlala, futhi ngijabule ngalokho abasinikeza khona.”

Ebuzwa ukuthi ngabe uMokoena noMudau bazodlala yini uam sebebheke neKaizer Chiefs, uMngqithi akazange azibophezele.

“Bayingxenye yeqembu esiqoka kulo,” kuchaza lo mqeqeshi. “Kufanele senze izinqumo (ezinzima) ngezinye izikhathi.”

Uqinisekise ukuthi bobabili laba badlali baphile saka futhi baziqeqesha kahle. “Basesimweni esihle… Ngakho, noma yini ingenzeka.”

ISundowns izobhekana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo. Umdlalo uqala ngo-3 ntambama. 

Ukongiwa kukaMokoena noMudau kungenzeka kuyicelo likaMngqithi. 

Njengoba eneqembu eligcwele phama izihlabani ezaziwayo, ukushintshanisa abadlali yinto edingekayo.

Abalandeli bamagange ukubona ukuthi laba bobabili bazobuya yini, futhi nini.

Ukubuyiswa kwabo kulo mdlalo wangoMgqibelo kungayiqinisa ngokwengeziwe iSundowns.

ISundowns ayikahlulwa kwiBetway Premiership kule sizini. Izobe ibheke ukuqhubeka nokubusa kwayo ngoMgqibelo.