EzintshaKaizer Chiefs

‘IChiefs kumele ivuselele isiko layo ngemuva kukaNabi’

Uthi leli qembu manje selinethuba lokuzivuselela kabusha, libuyele ebholeni lalo langempela bebhola, into anomuzwa wokuthi ibilahlekile ngaphansi kukaNabi.

IKaizer Chiefs ikuqinisekisile ukuphuma kukaNabi ngesonto eledlule kodwa ayizange iziveze izizathu zesinqumo sokuxoshwa kwakhe. 

Abebengamaphini akhe, uKhalil Youssef noCedric Kaze, baqokwe njengabaqeqeshi ababambisene kuze kuphele isizini.

Ekhuluma neKickOff, uKhan uthe ngesikhathi ukuphuma kukaNabi kuphakamise amashiya, akumangazi neze.

“Namanje asisazi isizathu sokuthi adedelwe; kube nokuqagela okuningi. Isizini abenayo ibe yinhlekelele,” kusho uKhan.

“Naphezu kokuwina iNedbank Cup, ukungaqedi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu bekunganele kwiKaizer Chiefs.”

UKhan wengeze ngokuthi isinqumo sekilabhu sokuhlukana nomqeqeshi siyaqondakala ngaphansi kwezimo elikuzo.

“Ngandlela thize, angikwazi ukusola iqembu. Mayelana nokukhuphula amaphini akhe, mhlawumbe ikilabhu ikholwa ukuthi kungasebenza, kodwa yisikhathi kuphela esizocacisa.”

Kuyathakazelisa ukuthi uKhan uveze ukuthi u-Youssef noKaze bagcine iqembu lingahluliwe emidlalweni emihlanu ngesikhathi uNabi engekho ngaphambilini.

Nokho lo makadebona womqeqeshi nomhlaziyi ugcizelele ukuthi izinkinga zekilabhu zijule kakhulu kunezinguquko ethimbeni lokuqeqesha.

“IKaizer Chiefs idinga ukuvuselela kabusha isiko layo lebhola. Abantu abaningi babheka izimpawu — ongubaqeqeshi, nabadlali abasayiniwe.  

“Kodwa okudingeka kakhulu wukwakha kabusha isiko lebhola kuleli qembu,” kusho uKhan owake wasebenza kwiChiefs njengephini lomqeqeshi.

“Ngesikhathi ngiqeqesha kwiChiefs noMuhsin Ertugral, sasiliqonda lelo siko. Akukhona nje ngokudlala ibhola elikhangayo — kumayelana nayo yonke indlela yokudlala.”