
IChiefs isiphawule ngozakhele ‘isigcwagcwa’ kubalandeli
IKaizer Chiefs isiphendule kwividiyo efakwe yiSABC Sport lapho owayengunompempe kodwa osengumhlaziyi uVictor Hlunguni ecacisa ngephenathi encishwe yona.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zincintshwe iphenathi ngesikhathi uGlady Lilepo echilizwa kabuhlungu emdlalweni wabo neStellenbosch FC ngoLwesihlanu.
Isikhalo sikaLilepo sokubekelwa iphenathi esizitshiwe unompempe besingezinye zezinto obekukhulunywa ngazo impelasonto yonke.
UHlunguni bekubhekwe ngabomvu ukuthi ahlalule ukuthi ngabe unompempe uthathe isinqumo esifanele na.
Nangesikhathi ehlaziya kwiSoccerZone lapho uHlungwani uyichithile iChiefs kulesi sigameko wavuna unompempe.
Kodwa ngesonto eledlule, wayethe unompempe ushaye khona ngesikhathi enikeza iPirates iphenathi ngemuva kwesigameko esicishe sifane.
Abalandeli beChiefs bangene ezinkundleni zokuxhumana bethi uHlungwani uhlale emelene neqembu labo, akalokothi nje avune lona.
Uzakwabo kwiSuperSport TV, u-Ace Ncobo, unqume ukuthi unompempe wenze iphutha ngokungayibeki iphenathi.
IChiefs, nge-akhawunti yayo esemthethweni kwi-X iphendule iposti yeSABC Sport enevidiyo kaHlunguni echaza ngalesi sigameko.
Futhi impendulo yaMakhosi ibimfushane, ingagwegwesi, futhi mhlawumbe ibhuqa, ithe: “Ok”.
Kube sekusuka igidigidi abalandeli beqhubeka nekulumo mpikiswano ngalesi sigameko, besola noHlungwani ngokudla imbumba. Buka nakhu ngezansi:

