
Kuvela okwenze iSundowns isayine uMonnapule Saleng
I-Orlando Pirates seyikuqinisekisile ukudayiswa kukaMonnapule Saleng kwiMamelodi Sundowns yize imininingwane yezimali engayivezanga.
Izindaba zokujoyina kukaMonnapule Saleng iSundowns zivele ngoLwesihlanu ebusuku, zashaqisa abaningi ikakhulukazi abalandeli be-Orlando Pirates.
Abanye bebesazitshela ukuthi inkinga yakhe nePirates isazolungiseka, bese ebuyela kuleli qembu aqhubeke nokudlala kuyo.
Esitatimendeni esifishane esishicilelwe ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo ntambama, iPirates ishaye ngamafuphi: “Siyabonga Monnapule Saleng”.
ILisenethini isithole ukuthi lo mdlali usayinwa yiSundowns nje ayimfuneli le sizini kodwa uyingxenye yamalungiselelo esizini ezayo.
Kuvela ukuthi iSundonws izobuyisa uPitso Mosimane njengomqeqeshi kanti uSaleng ngumdlali wokuqala asecele ukuba asayinelwe yena.
UMosimane usezingxoxweni neSundowns ngokubuyela kuyo ngesizini ezayo ngemuva kokuhluleka kukaMiguel Cardoso.
Basekhona nabanye abadlali okubhekwe ukuthi iSundowns ibasayine abafunwa uMosimane kanti omunye wabo kuvela ukuthi nguTshegofatso Mabasa.
UMabasa naye kuvela ukuthi akasahlalisekile kwiPirates futhi useze wasusa yonke into emhlanganisa naleli qembu ezinkundleni zakhe zokuxhumana.
Nokho kukhona namahlebezi ammatanisa neKaizer Chiefs. Usengasayina inkontileka yesibambiso nanoma yiliphi iqembu njengamanje.
FUNDA NALA | ElaseSwatini licacisa ngekusasa likaMpisane
Lokhu kungenxa yokuthi usesezinyangeni zakhe eziyisithupha zokugcina kwinkontileka yakhe nePirates.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
