EzintshaOrlando Pirates

Bayanda abe-Orlando Pirates ‘abafunwa awaphesheya’

Leli qembu laseSoweto selivele lidayise abadlali ababili phesheya – uMohau Nkota noMbekezeli Mbokazi – kanti kubukeka kusenabanye ezobadedela.

Amehlo amaningi avele abheke ukuthi ingabe i-Orlando Pirates izohlala isikhathi esingakanani noRelebohile Mofokeng.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala sekunesikhathi emataniswa namaqembu aphesheya, kodwa kugcine kungenzekanga lutho.

Empeleni nje, bekubhekwe ukuthi kube nguye uMofokeng odayiswa kuqala ngaphambi kukaNkota noMbokazi. 

Kodwa kumangale abaningi ngesikhathi uNkota edayiselwa iqembu laseSaudi Arabia i-Al-Ettifaq la lo mdlali esephenduke omunye wezinsika zeqembu.

UMbokazi yena udayiselwe iChicago Fire yase-US edlala kwiMajor League Soccer okulindeleke ayijoyie njengoba sekuphele i-Africa Cup of Nations. 

Manje sekuvele amahlebezi okuthi elinye iqembu leMLS, iMinnesotta United lona liyimise kabi i-Orlando Pirates njengoba lifuna uLebone Seema. 

Lesi sitobha sisayine kule sizini kwiPirates kanti sifike sakha ubudlelwano obuhle emuva noMbokazi okumenze washeshe waba yintandokazi kubalandeli. 

Uma ziyiqiniso ezokuthi naye usefunwa e-US, ngeke zehle kalula kubalandeli bePirates ababheke ukuthi leli qembu linqobe isicoco seligi kule sizini.

Omunye umdlali okuvela ukuthi ufunwa phesheya ngumgadli u-Evidence Makgopa okuthiwa ufunwa yiqembu le-English Championship elingadalulwanga. 

Imenenja yalo mdlali, uPaul Mitchell itshele abe-IOL ukuthi balindele noma yini ngalo mdlali njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

“Iqiniso ukuthi sisesimweni la singazi khona ukuthi kuzokwenzekani uma sivuka ngakusasa,” kusho le menenja.

“Amaqembu ahlezi ezama njalo uma kuvulwe iwindi, ngakho kunzima ukuqiniseka ngokuthi kuzokwenzekani.

“Kodwa ke ukhiye wayo yonke lento ukubanikazi bomdlali okuyiPirates kulesi simo.”