
IChiefs isamzingela umgadli ofunwa uNabi ngabomvu
- Intatheli yeLISENETHINI
IKaizer Chiefs isibeke etafuleni isiphakamiso kwiPyramids, icela ukudayiselwa uFiston Mayele osekunesikhathi eside imfuna.
UMayele, osenesikhathi eside emataniswa neChiefs, kuthiwa ufunwa kakhulu ngumqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.
Laba bobabili basebenze ndawonye kwiYoung Africans (Yanga) ngaphambi kokuthi uNabi ahambe ayojoyina i-AS FAR Rabat yaseMorocco.
Manje iPhakaaathi ibika ukuthi iChiefs isibeke etafuleni isicelo esihle sokudaiselwa uMayele.
“Umqeqeshi (Nasreddine) Nabi usekubeke kwacaca kubaphathi beChiefs ukuthi ufuna uMayele futhi manje iChiefs isithumele isicelo kwiPyramids.
“Manje sebelinde iPyramids ukuthi iyasamukela isicelo noma anqabe,” kucashunwe umthombo usho kanje.
UMayele kuthiwa uzimisele ngokuza kwiChiefs futhi kuvela ukuthi uyafuna ukuzodlala eNingizimu Afrika.
Lo mgadli waseDR Congo walethwa kuMakhosi yimenenja yakhe ngaphambi kokuthi ashiye kwiYanga ayojoyina iPyramids yase-Egypt.
Kodwa iChiefs ngaleso sikhathi yanquma ukuyishaya indiva indaba yakhe, kulandela ukuthi ithole ukuthi kumele imthenge kwiYanga.
NgokweTransfermarkt, lo mgadli oneminyaka engu-30 ubudala ubizwa imali ebalelwa ku-R11.7 million.
OLUNYE UDABA: Ifike yabhajwa iPirates, elaseMadagascar liyivove inkani
Akukacaci okwamanje ukuthi iChiefs ibeke malini etafuleni ngoMayele, kodwa okucacayo wukuthi la maqembu ayaxoxisana ngodaba lwalo mgadli.
