Ezintsha

UMendieta uxoshwe kungazelelwe phesheya, ubuyela kwiPSL

Kuvela ukuthi sekuseduze lo mdlali abuyele kwiPSL, ngemuva kokuthi ekhululwe kungazelelwe yiqembu laseGreece iVolos FC.

Lo mdlali wase-Argentina ujoyine iVolos ekuqaleni kwesizini kulandela isikhathi esifushane ekwiMamelodi Sundowns.

Kulezi zinkunzi zasePitoli udlale imidlalo engu-29 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amabili, wakhela ozakwabo amathathu.

IStellenbosch FC izimisele ngokumbuyisa lo mdlali, obengomunye wabadlali abavelele ngaphansi kukaSteve Barker ngaphambi kokuthathwa yiSundowns ngo-2023.

“IVolos FC imemezela ukunqanyulwa kwezinkontileka zayo no-Omri Altman noJunior Mendieta.

“Ibafisela inhlanhla enkulu esikhathini esizayo somsebenzi wabo,” kusho le kilabhu esitatimendeni ngoLwesihlanu.

Ngokusho komthombo osondelene neStellies, sekuxoxiwe ngoMendieta njengomuntu ongase azothatha indawo kaJayden Adams.

U-Adams ushiye iStellies wajoyina iSundowns njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali futhi udllale kuyo okokuqala ngempelasonto edlule.

“UJunior usabukwa engumdlali omuhle kakhulu ngumqeqeshi uSteve futhi futhi basaxhumana ngenxa yobudlelwano babo obuhle. 

“Ungamangali ukumbona ebuyela ekilabhini. Baxoxile ngokuqinisa iqembu ngemuva kokulahlekelwa uJayden,” kusho umthombo kwabePhakaaathi.

Ngaphambi kokuthuthela kwiSundowns, lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala uhlale amasizini amathathu kwiStellies.

Ushaye amagoli angu-15 emidlalweni engu-79 kuyo yonke imiqhudelwano ngesikhathi ekwiStellies.