Ezintsha

Ifike yabhajwa iPirates, elaseMadagascar liyivove inkani

  • Intatheli yeLISENETHINI

Umdlalo, obuseCôte d’Or National Sports Complex eSaint Pierre, bekungowomlenze wokuqala womzuliswano wokuqala wokuhlunga. 

Alikho iqembu elikwazile ukunqoba lo mdlalo, okushiye kuvuleke inkundla emlenzeni wamanqamu eGoli.

IPirates bekumele imelane nengcindezi zisuka nje njengoba iqembu lasekhaya belikhombisa ukuthi aliyona iminqolo. 

Unozinti, uSipho Chaine kudingeke asebenze ngomzuzu wesikhombisa, evimba ibhola eliyingozi elifakwe ebhokisini. 

Abafana base-Antsirabe baqhubeke nokuhlasela isikhathi esiningi sekota yokuqala kodwa bahlulekile ukusebenzisa amathuba abo. 

Ngaleso sikhathi, leli qembu belisebenzisa  ngempumelelo unoxhaka we-offside ukubamba iPirates uma izama ukuhlasela ngokuzumisa.

Ithuba lokuqala lePirates langempela liqhamuke ngemuva ngesikhathi ibhola likaRelebohile Mofokeng lizishayisa epalini. 

UMonnapule Saleng ukwazile ukuphunyula kulo mgibe we-offside ngomzuzu ka-37, nokho unozinti u-Ando Andrianavalona wanqaba. 

Leli kube yilona thuba elihle kakhulu kumaBhakabhaka esiwombeni sokuqala.

Ngesiwombe sesibili, osokhaya baphushele phambili, kodwa uChaine wenza umsebenzi oncomekayo ngomzuzu ka-52. 

IPirates iqhubekile nokuthungatha igoli lokuvula, uKabelo Dlamini ucishe walithola ngomzuzu ka-61, kodwa u-Andrianavalona waphika. 

Umgadli uTshegofatso Mabasa uthole amathuba amabili, kwelinye lawo, ibhola lakhe lazishayisa epalini.

Ompetha baseMalagasy baqede umdlalo beqinile, okuphoqe iPirates ukuthi ihlale emuva ivale amasango. 

Umdlalo uphele zibambene, okwenza ukuthi ube mkhulu umsebenzi okumele iPirates iwenze emlenzeni wesibili e-Orlando Stadium.

Ibibophele kanje iPirates: Chaine, Sibisi, Ndah, Sesane, Hotto, Makhaula (Mbatha 46’), Ndlondlo, Saleng (Kimvuidi 79’), Maswanganyi, Mofokeng (Dlamini 58’), Mabasa (Makgopa 79’).