
Asecinga koweSekhukhune achithwa yiStellies ngoBasadien
IStellenbosch FC kuthiwa ayiyizwa eyamakilabhu afuna ukudayiselwa isethenjwa sayo sasemuva kwesokunxele, uFawaaz Basadien.
Lokho sekwenze amanye wamakilabhu abenesifiso sokuthola uBasadien acabange ngokucinga engxenye.
I-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kuvela ukuthi sebebheke isihlabani esisafufusa esibonakala singaba sezingeni likaBasadien.
Womabili la makilabhu kubikwa ukuthi anentshisekelo kuVuyo Letlapa weSekhukhune United, ongumdlali wasemuva kwesokunxele onethalente.
ULetlapa uziqeqeshe neKaizer Chiefs ngesikhathi sokulungiselela isizini kodwa akazange asayinwe.
IPirates neSundowns inomlando wokulwela abadlali abasezingeni eliphezulu. Phambilini bebelwela amathalente afana noJayden Adams, Junior Mendieta, no-Iqraam Rayners, kanti iSundowns ivamise ukunqoba.
Kuyathakazelisa ukuthi abaningi balaba badlali baqhamuka kuStellenbosch FC, okuyiqembu elifanayo iBasadien elidlalelayo.
ULetlapa wabe esedlulela kwiSekhukhune lapho afike wahlaba abaqeqeshi umxhwele kanti uyaqhubeka nokwenza kahle kusukela eyijoyinile.
Ufike kuyo esuka kwiJomo Cosmos edlala kwi-ABC Motsepe League, nedume ngokukhiqiza abadlali abasezingeni.
Ukuzinikela nokusebenza kanzima kwakhe sekudonse amehlo amakilabhu aphezulu, kubika iSoccer-Laduuma.
“Uyakhula futhi ungumdlali omuhle. Uzokwenza kahle nomaphi lapho eya khona,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi iPirates neSundowns babheka uLetlapa njengomdlali abangajikela kuye uma behluleka ukuthola uBasadien.
“Usemncane kanti ubukeka enekusasa elihle. Nakuba engenawo amava ezingeni eliphezulu njengamanje, ukudlala njalo kuzomsiza akhule,” kuchaza umthombo.
