EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs isabafuna abeCity, kucaciswa nekaZwane

UKaizer Motaung Jr. usekuqinisekisile ukuthi iKaizer Chiefs isamfuna u-Oswin Appollis futhi isaxoxisana nePolokwane City ngaye. 

Lesi sihlabani sePolokwane City besizojoyina izikhondlakhondla zase-Algeria, i-MC Alger, kodwa isivumelwano sabhuntsha.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iMC Alger ingakwazanga ukuqedela izingxoxo ngaphambi kokuvalwa kwewindi e-Algeria ngoLwesibili.

Ngokwemibiko, iPolokwane neMC Alger bese bevumelene ngakho konke, naye umdlali esevumile.  

Kube sekuvuleka intuba ke kuMakhosi lokhuthi aphinde abuyele kwiPolokwane nesicelo esisha sokudayiselwa lo mdlali. 

Bekungathi wenzela ukukhombisa iChiefs ukuthi ayenzi iphutha ngokumhalela u-Appolis ngesikhathi edlala kwiBafana Bafana muva nje. 

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ushaye amagoli amabili iBafana ihlula iSouth Sudan ngo 3-2 emdlalweni wokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon). 

Ekhuluma kuMSW noRobert Marawa, uKaizer Jr. uveze ukuthi u-Appollis akuyena yedwa umdlali iChiefs emfunayo kwiRise and Shine.

“Singakujabulela ukuba naye, kuyaziwa lokho. Sasikushilo naphambilini ukuthi singathanda ukuba naye,” kusho lesi sikhulu seChiefs. 

“Sike saba nezingxoxo nosihlalo wePolokwane City. Hhayi ngo-Oswin kuphela, kodwa nabanye abadlali futhi ngicabanga ukuthi yizingxoxo eziqhubekayo.”

IChiefs igaqele nomdlali wasemuva wePolokwane City, uThabang Matuludi obe nesizini enhle eqala ukudlala esigabeni esiphezulu.

UMotaung Jr. uphinde wakhuluma ngamahlebezi okuthi u-Arthur Zwane ubuyela eqenjini elikhulu njengephini lomqeqeshi. 

UZwane kuke kwavela amahlebezi okuthi uzovala isikhala sikaFernando Da Costa oshiye iChiefs wajoyina i-FA yaseMorocco.

Nokho uKaizer Jr. ukucacisile ukuthi uZwane useyinhloko yezinhlaka zokuthuthukiswa kwamakhono.

Uthe okwamanje azikho izinhlelo zokuthi ajoyine ithimba eliqeqesha iqembu elikhulu eNaturena.