EzintshaMTN8

IStellies izowudlalela ‘ekhaya’ owamanqamu weMTN8

IStellenbosch FC izobuyela eThekwini ukuyodlala umdlalo wamanqamu weMTN8 lapho izobhekana khona ne-Orlando Pirates. 

IPremier Soccer League (PSL) isimemezele ukuthi iMoses Mabhida Stadium yiyona ezosingatha umdlalo wamanqamu weMTN8 ka-2024. 

Lo mdlalo ophakathi kweStellenbosch FC ne-Orlando Pirates uzoba ngoMgqibelo, ka-Okthoba 5.

Imininingwane mayelana nezikhathi zokuqala komdlalo, amanani amathikithi, nokusakazwa kwawo izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi. 

Ukutonyulwa kweqembu elizobe lisekhaya nelizobe lisekuhambeni kowamanqamu kuzokwenziwa ngoMsombuluko, kaSepthemba 16. 

Lokhu kuzokhonjiswa bukhoma ohlelweni lwezemidlalo oludumile i-Extra-Time kwiSuperSport PSL Channel (202) ngo-8.30 ebusuku.

IStellenbosch FC isanda kudlala eMoses Mabhida Stadium ngasekuqaleni kwale nyanga. 

Inqobe ngo 1-0 ibhekene neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu, yadlulela kowamanqamu ngo 2-0 uma sekuhlanganiswe imiphumela yayo yomibili imidlalo. 

Leli qembu laseCape Winelands liphinde ladla umhlanganiso emdlalweni walo weCaf Confederation Cup neNsingizini Hotspurs yase-Eswatini, lanqoba ngo 8-0 uma sekuhlanganiswe imiphumela kuyo le nkundla. 

Nokho kuyomela yazi ukuthi ingcindezi izoba nkulu ngo-Okthoba 5 kwazise iPirates ivamise ukuba nabalandeli abaningi kule nkundla.