
Ibuyisa umqeqeshi oke wasebenza kuyo iRichards Bay
- Intatheli yeLisenethini
IRichards Bay FC kulindeleke ukuthi iqoke uBrandon Truter njengomqeqeshi wayo omusha kulandela ukushiya isigubhukane kukaVusumuzi Vilakazi ngoMsombuluko.
Manje sekuvela ukuthi usihlalo weqembu uJomo Biyela usesheshe wanquma ukufaka uTruter njengozovala isikhala sakhe.
Phezu kwemizamo kaVilakazi esindisa iRichards Bay ezembeni ngesizini edlule nokusayinwa kwenkontileka entsha, lo mqeqeshi owake waqeqesha iGolden Arrows uselishiyile leli qembu.
Ukungabibikho kwakhe ngesikhathi iNatal Rich Boyz iziqeqesha ngoLwesibili ekuseni kuqinisekise izindaba zokuhamba kwakhe.
UBiyela utshele iSABC Sport ngoMsombuluko ebusuku ukuthi kuzophuma isitatimende esisemthethweni ngokuhamba kwesikhathi ukuze kucace ngalesi simo.
Okwamanje leso sitatimende asikakaphumi. Kodwa iSABC Sport ibika ukuthi uTruter kulindeleke ukuthi athathe isikhundla sikaVilakazi ngokushesha.
Lokhu kukhomba ukuphindela eqenjini abeliqeqesha kuTruter emazingeni aphansi ngaphambi kokudlulela kwiMoroka Swallows.
UTruter, obeyingxenye yethimba labaqeqeshi kwi-Upington City, usevunyelwe ukushiya ayojoyina iRichards Bay.
Ukuqokwa kukaTruter kuza njengoba ikilabhu ibheke ukuzinza futhi ilungiselela isizini entsha ka-2024/25.
Ukujwayelana kwakhe neqembu kanye nesipiliyoni sakhe ebholeni laseNingizimu Afrika kumenza abe ngumqeqeshi okwahle ukuhola iRichards Bay.
OLUNYE UDABA:Â Elinye lePSL lishaya ezeGallants neBay ngomqeqeshi
Ukuqinisekiswa kokuhamba kukaTruter kulindeleke ngaphambi kokuphela kwesonto.
