EzintshaOrlando Pirates

UNcikazi uzobe ekaSaleng, kodwa isikhala sakhe sisobala

UMonnapule Saleng usephinde waba yisihloko esishisayo naphezu kokuba ehlulekile ukusiza iBafana Bafana ngeSonto ebusuku. 

IBafana ibambane ne-Egypt ngo 1-1 emdlalweni wokuhlungela iChan eMangaung Stadium kanti uMonnapule Saleng udlale yonke imizuzu engu-90. 

Lesi sihlabani se-Orlando Pirates simangaze abaningi sifakwa eqenjini likaMolefi Ntseki njengoba singakaze sidlale kulezi zinkunzi zaseSoweto ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. 

Ikilabhu inqabile ukuchaza kabanzi ngezizathu zokungabibikho kukaMonnapule Saleng yathi kungenxa yezinkinga abhekenenazo yena siqu. 

Amahlebezi amaningi ngalolu daba aqala kusukela lapho, abanye bethi kuhlobene nezingxoxo zokunyuswa kweholo ezingahlangani. 

KwiBafana, uSaleng ubedlala ngothando futhi ubengabukeki egqwalile yize ebengabukhali ngendlela obekulindeleke ukuthi abe ngayo. 

Iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi ubuziwe ngoMgqibelo ngesimo sikaSaleng, kodwa waqoka ukuwuziba lowo mbuzo. 

Nokho lokhu akuzange kuvimbe abalandeli ukuthi babuze imibuzo ngaye, ikakhulukazi njengoba iqembu libukela libuthuntu uma lihlasela. 

IPirates yakhe amathuba amaningi okushaya amagoli kodwa yahlulwa ngo 2-0 yiMarumo Gallants engazange yakhe amathuba atheni. 

Kodwa nakuba abalandeli benomuzwa wokuthi uSaleng angaletha okuhlukile ekuhlaseleni kweqembu, kubonakala sengathi ngeke aphinde adlale kule sizini. 

Leli kilabhu isalokhu iyizibile nje eyokuqondisa ngesimo sakhe kodwa kuyacaca ukuthi kunawo umthelela omubi eqenjini elilahlekelwe wudosi lwalo ezinyangeni ezedlule. 

USaleng uzoqhubeka kwiBafana njengoba isekhempini ilungiselela ukuya e-Egypt emlenzeni wesibili ngempelasonto. 

Ozakwabo kwiBucs bona bazobe belungiselela umdlalo wabo neChippa United ngoLwesithathu, okumele nakanjani bawunqobe.

Uma behlulekile, sebengavele bakhohlwe ngokuphazamisa iMamelodi Sundowns esicocweni seligi kule sizini.

ISundowns isivele ibahola ngamaphuzu angu-18 kodwa basenethemba kwazise basilele ngemidlalo emine kuyo.