
Ibhange lizingela uKhama Billiat oduke elikweleta
Owayengumdlali weMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs uKhama Billiat ubhekene nezinsolo ezimbi.
Lesi sihlabani sebhola esesidlala ngakubo eZimbabwe sisolwa ngokubaleka nemoto esesihluleke ukuqedela ukuyikhokhela.
Kuthiwa ubaleke nemoto yohlono oluphambili, yomacaphuna kusale iRange Rover ebiza u-R3.5 million uma iyintsha.
Ngokwamaphepha asenkantolo, uKhama Billiat wasayina isivumelwano sokukweletelwa lemoto neStandard Bank ngo-2019.
Wavuma ukuthi uzokhokha amacozucozu ka-R37 000 ngenyanga kuze kuphele izinyanga ezingu-71.
Isivumelwano sakubeka kwacaca ukuthi ngesikhathi esakhokha, imoto kuzobe kungeyebhange kuze kube uyaqeda ukuyikhokhela.
Manje, iStandard Bank ifuna abuyise imoto njengoba engasaqhubeki nokuyikhokhela, ithi uKhama Billiat uvele wanyamalala nemoto.
Ngesikhathi iCity Press ikhipha lolu daba ngeSonto, abantu bangene ezinkundleni zokuxhumana bephendula ngalokhu.
Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bathuswe yilokhu, babuza ukuthi kanti ubelulekwa kanjani ngokuphatha imali.
Abanye bathe babevele bebonile ukuthi kuyogcina kwenzeke kanje ngalo mdlali othanda ukuchoma.
Abanye bakhale ngokufakwa kwegama leKaizer Chiefs, bephakamisa ukuthi akulungile ukumataniswa kwakhe nayo ngoba kade ashiya kuyo.
Njengamanje uKhama Billiat ubengakaphawuli esidlangalaleni ngalezi zinsolo abhekene nazo ezimhlazayo.
Khonamanjalo, iStandard Bank kubikwa ukuthi ilandela imigudu yomthetho ukuz eibuyise le moto lo mdlali asenyamalale nayo.
UKhama Billiat ushiye iKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini ka-2022/23 lapho kuphela inkontileka yakhe, ayangavuselelwa.
Ube esejoyina iYadah Stars yaseZimbabwe ngoFebhuwari 2024 – lokhu bekungemva kokuhlala izinyanga ezingaphezu kweziyisithupha engenaqembu.
NgoJanuwari nonyaka, ushiye iYadah wajoyina iScotland FC okukholakala ukuthi udlala kuyona njengamanje.
