
ISundowns ‘igila’ iPirates ngobhekwe ngabomvu abalandeli
I-Mamelodi Sundonws isiqale umkhankaso wokugila i-Orlando Pirates ngokuyintshontshela umdlali obhekwe ngabomvu abalandeli bayo.
Sekuvele ukuthi umdlali weGolden Arrows, uSiyanda Ndlovu useyahohoza ngokujoyina iPirates kanti sekuqhamuke iSundowns, yangenelela umjaho wokumsayina.
Phambilini bekubikwe ukuthi iPirates neGolden Arrows bese befinyelele esivumelwaneni sokudayiselana ngalo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala.
Futhi, ngokubika kwe-iDiski Times, uNdlovu ubesehloliwe ekomkhulu leBucs eMayfair ngoLwesine olwedlule.
Nokho, izinto zishintshe ngesikhathi uNdlovu nePirates bengavumelani ngemibandela yenkontileka, njengoba lo mdlali engazange ayamukele imali nemigomo ayeyethulelwe yiBucs.
Lokho kuvulele i-Mamelodi Sundowns ithuba lokungena emjahweni, izame ukushaya i-Orlando Pirates ngokumthatha kuqala lo mdlali.
UNdlovu ube nesizini enhle ngo-2025/26, edlala imidlalo engu-31 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amane waphinde wakha ayisishiyagalombili.
Uma iSundowns iphumelela ukumthola, uzoba umdlali wesibili osayiniswa yiMasandawana kuleli windi lokuhwebelana ngemuva kokufika kuka-Antonio van Wyk osuka kwiRied FC.
- FUNDA NALA | UVilakazi nomlayezo kuRele obheke eBelgium
ISundowns kubikwa ukuthi isezingxoxweni zokusayinisa umdlali obekwi-Esperance de Tunis, uYan Sasse.
Kubukeka indaba kaNdlovu izoba nkulu njengoba esebangwa yi-Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates nje.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
