EzintshaKaizer Chiefs

Uzothathelwa izinyathelo uNtwari ohlaze iKaizer Chiefs

Lo nozinti waseRwanda wenqabile ukuphuma ukuze indawo yakhe ithathwe uBruce Bvuma ngaphambi kokuphela komdlalo lapho sekubhekwe kumaphenathi. 

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze ukuqinisekisile ukuthi bekuyicebo labo ukuthi uBvuma ngye ozobhekana namaphenathi uma kufikwa lapho. 

Kodwa uFiacri Ntwari wenqabile ukukhishwa kubuka izwe lonke. Futhi yize eyivimbile iphenathi yokuqala, amahlanu amhlulile, iKaizer Chiefs yagcina ihluliwe kulo mdlalo.

Abanye bahumushe izenzo zikaNtwari njengesiveza isimo esibi esenzeka ngaphakathi eqenjini, lapho abadlali bengabahloniphi abaqeqeshi besikhashana.

Umqeqeshi oyinhloko, uNasreddine Nabi njengamanje umisiwe yiqembu kanti uKaze noKhalil Ben Youssef bambambele okwamanje. 

Nakuba uKaze eqale wasimbambatha lesi sigameko engxoxweni nabakamabonakude, kamuva uvumile ukuthi siyisimo esibucayi futhi esizolandelelwa kahle ngaphakathi eqenjini. 

“Ngikholwa wukuthi kube ngesinye isimo esingavamile, siyinto esizoyilungisa ngaphakathi eqenjini,” kusho uKaze kwabezindaba.

“UNtwari uthe uzizwa ekulungele ukuthi aqhubeke. Ubezizwa efanelwe ukuqhubeka namaphenathi futhi asize iqembu. 

“Ubengaqonde bubi, kodwa mhlawumbe akazange enze ngendlela abedinga ukuba enze ngayo. Kodwa yinto esizokhuluma ngayo.” 

Abanye abalandeli banxenxe leli qembu livele liyinqamule inkontileka kaNtwari. Bekuwumdlalo wakhe wokuqala osemthethweni kwiChiefs cishe esikhathini esingangonyaka. 

Ngesikhathi somdlalo usebenze kahle, wakwazi ukuvimba kahle ngesikhathi kufanele kunamabhola amdingayo kodwa ukwenqaba kwakhe ukushintshwa yikho okugcine sekunakwa kakhulu.