EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns isiqoke ogajwe AmaZulu esikhundleni esikhulu

Ompetha base-Afrika, iMamelodi Sundowns, sebeqinise uphiko lwabo lwezinhloli ngokuqoka osanda kugajwa AmaZulu FC.

Sekuvele ukuthi iSundowns isiqoke uPedro Dias njengenhloko entsha yezokuthungatha abadlali (Head of Scouting).

Ngokubika kweSoccer Laduma, lesi sikhulu sasePortugal, obeyiDirector of Football kuMaZulu, usejoyine iSundowns.

“Yebo, usejoyine iqembu,” kusho umthombo ocashunwe kulo mbiko ngoLwesibili.

Kubikwa ukuthi iMamelodi Sundowns yenqabile ukuphawula ngesikhathi icelwa ukuba iqinisekise ngokusemthethweni lolu daba.

UDias ubeqale engenaqembu ngemuva kokuhlukana naMaZulu ekupheleni kwesizini edlule, ubesesebenze iminyaka emibili kuwo.

Emsebenzini wakhe omusha, uzohola uhlelo lweSundowns lokuthungatha amathalente eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.

Ngokolwazi oluku-LinkedIn yakhe, uDias ungumphathi webhola onolwazi olunzulu emkhakheni webhola emhlabeni jikelele. 

Usebenze ePortugal, eCanada, e-US, eNew Zealand naseNingizimu Afrika.

Ngaphambi kokujoyina AmaZulu, uke wasebenza njengeTechnical Director kwiVancouver Whitecaps FC yaseCanada, waphinde wasebenza kwi-academy yeSporting CP yasePortugal.

Ukuqokwa kwakhe kukhombisa ukuthi iMamelodi Sundowns iyaqhubeka nokuqinisa zonke izinhlaka zayo njengoba ihlose ukuqhubeka nokubusa ebholeni laseNingizimu Afrika nelase-Afrika.