Carling Knockout CupEzintsha

I-PSL isikhiphe imininingwane ebalulekile ngoweCarling KO

Lo mdlalo olindelwe ngabomvu zophakathi kwe-Orlando Pirates neMarumo Gallants uzodlalelwa ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoDisemba 6. 

I-PSL imemezele ukuthi lo mdlalo wamanqamu uzoqala ngo-6 ntambama, kanti kulindeleke uhehe izinkulungwane zabalandeli okulindeleke ukuthi bagcwalise le nkundla.

Amathikithi azoqala ukudayisa kusukela ngo-10 ekuseni ngoLwesihlanu (Novemba 28), ezitolo ze-Open Tickets nezakwaShoprite noCheckers ezweni lonke.

Abalandeli bangakwazi nokuthola amathikini ngokusebenzisa uhlelo lwe-inthanethi besebenzisa isizindalwazi esisemthethweni se-Open Tickets. 

Amathikithi ajwayelekile azobiza u-R100 lilinye, kanti umuntu ngamunye uzovumeleka ukuthenga amanje kuphela.

I-PSL ixwayise abalandeli ukuthi bagweme ukudayiselwa ngabantu abaseceleni ngoba amathikithi athengwe ngokungekho emthethweni azonqatshwa emasangweni enkunleni.

Abalandeli abafuna lamathikithi kuzomele basheshe bawasukumele ngoba kulindeleke adayise asheshe aphele.