
UMokwena ubhoboka ngobuhlungu abuthola kwiPirates
URulani Mokwena usephumele obala ngesilonda esingapholi enhliziyweni yakhe esadaleka ngesikhathi engumqeqeshi we-Orlando Pirates.
Le nsizwa eneminyaka engu-38 ubudala waba ngumqeqeshi omncane kunabo bonke ukucija lezi zinkunzi zaseSoweto – wayeneminyaka engu-32 ngaleso sikhathi.
Manje usengumqeqeshi ohlonishwayo, kodwa uRulani Mokwena uthi okwenzeka kuye ngesikhathi ekwiPirates kwamlimaza kakhulu emoyeni.
Waqokwa njengomqeqeshi obambile ngesizini ka-2019/20 ngemuva kokushiya kukaMicho Sredojevic isigubhukane kuleli qembu.
Kodwa uthi ngemuva kwemidlalo engu-13, abaphathi bePirates babona sengathi akanawo amazwi futhi baletha uJosef Zinnbauer ukuthi athathe izintambo.
URulani Mokwena wabe esephinde ejutshwa ukuba yiphini lomqeqeshi, kodwa ngendlela engakaze ibonwe, kamuva wabolekiswa kwiChippa United.
Ekhuluma kwenye yamaPodcast muva nje, uMokwena ubhoboke ngaleso sikhathi somsebenzi wakhe wokuqeqesha asichaza njengesinzima kakhulu.
“IPirates yayisinqumile, ngisengumqeqeshi oyinhloko… Ngemuva kwemidlalo engu-13 noma ngaphezulu ukuthi idinga umqeqeshi ohlukile,” kusho uMokwena.
“Angikhulumi ngalokhu kakhulu – ngoba kwakuyisikhathi esibuhlungu kakhulu emsebenzini wami wokuqeqesha – ukwehliswa esikhundleni kwiPirates kwaba buhlungu impela.”
Uthi usihlalo weqembu u-Irvin Khoza wayengafuni ashiye eqenjini, kodwa yena wayelimele kakhulu emoyeni ukuthi angahlala.
“Nakuba u-Irvin Khoza wayegcizelela ukuthi ngihlale, kodwa owabe sekwenzekile kimi kwakungilimaze kakhulu.
“Ngakho emsebenzini wami ngaleso sikhathi, ngangingacabangi lutho ngaphandle kokuba senkundleni futhi ngithole injabulo ebholeni.
“Ngangingaya ngisho kwiBlack Leopards ukube kwakungenzeka, kodwa ke ngabe sengithola ithuba lokuya kwiChippa.
“Kwakungenandaba negama leqembu, kwakumayelana nokuphinde ngithole uthando lwebhola, ukuphinde ngibe senkundleni ngiqeqeshe futhi.
“Ngangilimele kakhulu – futhi nanamuhla ngisalimele kakhulu ngalokho – yingakho ngingakhulumi ngakho,” kwengeza uMokwena.
FUNDA NALA | EleNFD lixoshe owaduma kwiChiefs
Nokho usekhule kakhulu ekuqeqesheni kusukela lapho futhi useqeqeshe iziqhwaga zase-Afrika iMamelodi Sundowns, iWydad Athletic kanti njengamanje ukwiMC Alger.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
