
ISekhukhune United isiqinisekise umqeqeshi wayo
I-Sekhukhune United isimemezele ngokusemthethweni ukuqokwa kukaCedric Kaze njengomqeqeshi wayo omusha.
Lokhu ikwenza njengoba iqhubeka nokulungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.
Lo mqeqeshi waseBurundi oneminyaka engu-46 uletha ulwazi olunzulu ebholeni lesimanje.
Useke wasebenza emaqenjini esizwe eBurundi, kwiFC Barcelona Academy eCanada, nakwiYoung Africans SC yaseTanzania.
UKaze uphinde waziwa eNingizimu Afrika ngemuva kokuba ngomunye wabaqeqeshi beKaizer Chiefs, lapho abesebenza khona ngaphambi kokushiya iqembu ekupheleni kwesizini edlule.
Uneziqu zeBachelor’s Degree kwezeSports Science, uphinde abe namalayisense okuqeqesha eCaf A neGerman Football Federation A.
Waba yingxenye yethimba elahola iYoung Africans layofinyelela kowamanqamu kwiCaf Confederation Cup ngo-2023.
Isikhulu esiphezulu se-Sekhukhune United, uJonas Malatji, sithe sijabule ngokufika kukaKaze.
“Siyajabula ukwamukela umqeqeshi uKaze emndenini weBabina Noko.
“Unolwazi olunzulu, ubuholi obuqinisekisiwe futhi uyayiqonda kahle iBetway Premiership nebhola laseNingizimu Afrika.
“Lokho kusinika ithemba elikhulu njengoba sibheke ikusasa,” kusho uMalatji.
- FUNDA NALA | Ithemba kwiChiefs kubuya umdlali omqoka
UKaze kulindeleke ukuthi aqale umsebenzi wakhe ngokushesha njengoba i-Sekhukhune United ifuna ukwakhela empumelelweni eyithole ngesizini edlule futhi iqhubeke nokuncintisana ezingeni eliphezulu.

- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
