Ezintsha

Iyavuthwa ekaPitso Mosimane ebuyela enhla ne-Afrika

UPitso Mosimane akasebenzi ndawo njengamanje kulandela ukuhlukana kwakhe neqembu lase-Iran i-Esteghlal FC.

Njengoba engenaqembu, maningi amfisayo lo mqeqeshi ozakhele igama kakhulu kwi-Al Ahly futhi useyinyama ebholeni lase-Afrika.

Imibiko yakamuva immatanisa nemisebenzi ehlukene yamakilabhu namaqembu esizwe — okuhlanganisa noweqembu lesizwe laseLibya.

Amahlebezi akamuva amkhomba kwizinkunzi zaseGibhithe iZamalek SC, esanda kuxosha umqeqeshi wasePortugal uJose Peseiro. 

Ngokusho kowayengumdlali weZamalek u-Ahmed Hassan, abacingela leli qembu umqeqeshi sebencome ukuba kuqashwe uMosimane.

UHassan ubhale kanje kwiFacebook: “Ezikhethekile – abaphathi beZamalek bathole izincomo zokuthi baqoke uPitso Mosimane njengomqeqeshi oyinhloko kusukela ngesizini ezayo.”

Nokho kuvela ukuthi okwamanje azikho izingxoxo ezisemthethweni phakathi kweZamalek noPitso Mosimane. 

Kodwa-ke, igama lakhe linesisindo ebholeni laseGibhithe ngemuva kokwenza kahle kwakhe kwi-Al Ahly.

Uwine izindebe eziningi, okuhlanganisa nezicoco ezimbili zeCaf Champions League kwi-Al Ahly.

Ubuhlakani namaqhinga kaMosimane nesitayela sakhe sobuholi kumenze wanconywa ezwenikazi lonke. 

Irekhodi lakhe lihle uma esebenza emakilabhini anengcindezi ephezulu limenza abe akhange kumakilabhu asesigabeni sokujika izinto.

Futhi njengoba ziziningi izikhala zabaqeqeshi ezivulekile emaqenjini afana neWydad, i-Al Ahly, neZamalek, umnyakazo olandelayo kaMosimane ubhekwe ngabomvu. 

Akukhathalekile ukuthi ubuyela e-Egypt noma uzothatha umsebenzi kwenye indawo – into eyodwa icacile — lo mqeqeshi owake wacija iMamelodi Sundowns usafunwa kakhulu.