
Izigigaba ezimangazayo koweStellies neSundowns
Umdlalo ophakathi kweStellenbosch FC neMamelodi Sundowns ube nezigigaba ezimangazayo kungakapheli ngisho imizuzu engu-30 uqalile.
Lo mdlalo owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup useDanie Craven Stadium ngeSonto ntambama.
Isigigaba sokuqala senzeke ngesikhathi iSundowns ikhipha uDevine Lunga obesengcupheni yekhadi lesibili eliphuzi.
Leli khadi belizosho ukuthi kumele aphume ngelibomvu. Kodwa ube nenhlanhla ukuthi umsizini kanompempe, uZakhele Siwela aklunyukelwe wumsipha.
Unompempe, uJelly Chavani ulibale wukuyosiza uzakwabo, kwathi kusalashwa uSiwela iSundowns yenza ushintsho.
OLUNYE UDABA:Â UMahlambi uzama ukugwema ukushushiswa ngamacala odlame
Ukhishiwe uLunga, kwangena uThapelo Morena endaweni yakhe, okusho ukuthi uphunyulile ekhadini lesibili.
Uthe uqhubeka umdlalo, akwangaphela mizuzu emingaki, uSiwela wacela ukushintshwa ethi akasakwazi ukuqhubeka.
Bekungokokuqala ke ebholeni lakuleli kushintsha umsizi kanompempe noma unompempe ngenxa yokulimala okuphoqa angakwazi ukuqhubeka nomdlalo.
Kube sekuqhuneka uChristopher Kestoor obeyi-fourth official nokusebenza kulayini.Â
Lezi zigigaba zenzeke nje iSundowns seyivele ihamba phambili ngo 1-0 wegoli likaKhuliso Mudau.
