
UBobby ubhoboka ngokuthwala ‘izono’ zeKaizer Chiefs
Isikhulu seKaizer Chiefs uBobby Motaung usephumele obala ngempilo yakhe nangomsebenzi wakhe kule kilabhu engenkulukazi ebholeni lakuleli.
Ukhulume nangokugxekwa okumlandelelayo kusukela aqala ukusebenza kuleli qembu elasungulwa uyise.
Esiqeshini sakamuva seBehind The Boot Podcast, uBobby Motaung ukhuluma kabanzi ngohambo lwakhe kwiChiefs.
Lesi siqephu sesivele sidale isiphithithi ezinkundleni zokuxhumana njengoba sisuse izinkulu-mpikiswano mayelana nendima yakhe eNaturaena.
“Abantu bacabanga ukuthi ngiyisizathu sokuthi iKaizer Chiefs ingawini,” kusho uBobby Motaung kule ngxoxo anayo nentatheli yeSABC Sport uMazola Molefe.
“Kodwa abantu bayakhohlwa ukuthi ubani owayesebenza kanzima ngesikhathi siyiqembu elinqoba yonke into.”
Uphinde wavula isifuba ngengcindezi yokuthwala ifa likaMotaung, nokulandela ezinyathelweni zikayise, umsunguli wekilabhu uKaizer Motaung.
UBobby Motaung uphinde akhulume ngokuhlukumezeka abhekana nakho njengoba engomunye wabathatha izinqumo aphinde athwale zonke izono zeChiefs emahlombe akhe.
Abalandeli bahlukene phakathi ngemibono. Abanye baveze ukukhononda ngokuthi le ngxoxo ihlose ukubenza bakhonze lesi sikhulu, bayeke ukusisola.
Kukhona nabathi le ngxoxo yenza uBobby Motaung abukeke engumuntu olungile futhi ibakhumbuza nemisebenzi ayenzile ukugcina iChiefs iyiqembu elikhulu.
Bavelile ke nabathi sesifikile isikhathi sokuthi kungene ubuholi obusha, obunamasu amasha eNaturena.
Nokho okusobala wukuthi uBobby Motaung akayi undawo.
“Awuyiphathi ikilabhu efana neKaizer Chiefs uma ungumuntu othanda ukunethezeka. Ufaka ubuwena bonke,” kuchaza yena.
Isiqephu siphinde sithinte:
- Iqhaza lakhe ekwakheni ingqalasizinda yesimanje kwiKaizer Chiefs
- Izinselelo zoshintsho ebholeni ngemuva kwesihava seCovid 19
- Kungani ukethembeka nobuqotho kusabaluleki ebholeni laseNingizimu Afrika
Ngengoba iChiefs ilungisela enye isizini ngaphansi kukaNasreddine Nabi, amandla nomthelela kaBobby Motaung asabalulekile.
- FUNDA NALA | I-Cape Town City nezishaqisayo ngezihlabani zayo ezisakhula
Kungakhathaliseki ukuthi abalandi bayamthanda noma bayamzonda, into eyodwa imile — uBobby Motaung useyingxenye enkulu yeKaizer Chiefs.
