DStv PremiershipEzintsha

Mduduzi Shabalala: Isimo sami nesikaMofokeng asifani

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uMduduzi Shabalala usechaze ukuthi kungani ekholwa wukuthi ukuqhathaniswa kwakhe nozakwabo we-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng akufanele.

Laba badlali abasebasha badlale imidlalo yabo yokuqala emaqenini amakhulu ngesizini edlule ngemuva kokwenyuswa besuka ezinkulisa. 

UMduduzi Shabalala, oneminyaka engu-20, unamagoli amabili emidlalweni engu-17 kuyo yonke imiqhudelwano. 

IChiefs, okubhekwe abe yisihlabani sayo, ilele endaweni yesishiyagalombili kwilogi yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-26.

UMofokeng, oneminyaka engu-19, yena usedlale imidlalo engu-33 kuyo yonke imiqhudelwano futhi unamagoli amane. 

IPirates isendaweni yesithathu kwiligi ngamaphuzu angu-46 kanti seyingnee kowamanqamu kwiNedbank Cup.

“Kusobala ukuthi sobabili siphuma kwiligi yeDDC (DStv Diski Challenge) futhi besiqhuba kahle kodwa izimo azifani manje, uyazi,” kusho uShabalala etshela iDiski Times.

“Yena wethulweeqenjini elivele lenza kahle futhi ufikele eqenjini elidla izindebe futhi kulula ukuthi asheshe ajwayele.

“Kodwa kithina njengabancane lapha silwa nezinto eziningi, silwa nesomiso sokunganqobi futhi njalo uma singena enkundleni kudingeka siwakhiphe wonke amangwevu. 

“Futhi kwesinye isikhathi ukwesekwa esikuthola kubalandeli bethu akwanele ngoba sidlala umdlalo owodwa futhi sijwayele ukuthathwa njengabadlali ababi.”

Uthe yize izimo zingezinhle, ikakhulukazi kumdlali osemncane eNaturena, kodwa ngeke adikibale.  

“Ngakho-ke ngisebenza kanzima ukuze ngibuyele efomini yami, ngisebenzela ukubuyisa ukuzethemba kwami. 

“Futhi ngingasho ukuthi ngisendleleni efanele. Abaqeqeshi nabadlali bayangisiza ukuthi ngifike lapho bengikhona phambilini”.

UMduduzi Shabalala ukhombise isibindi evalela phakathi iphenathi bebheke neMamelodi Sundowns emdlalweni odlule abashaywe kuwo ngo 5-1. 

Manje usezobheka ukudlula kuleli hlazo abathelwe ngalo yiSundowns uma sebeya emdlalweni olandelayo. 

IChiefs izokwamukela iTS Galaxy ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibili emdlalweni weDStv Premiership ozoqala ngo-7.30 ebusuku.