EzintshaNedbank Cup

I-PSL nemininingwane yokudayiswa kwaweNedbank Cup

I-PSL ithi amathikithi alo mdlalo we-Nedbank Cup oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini azoqala ukuthengiswa ngoMsombuluko kaMeyi 5. 

Amathikithi azotholakala ezitolo zakwaShoprite neCheckers ezweni lonke kusukela ngo-10 ekuseni ngoMsombuluko. 

Abalandeli bengakwazi nokuwathola nge-inthanethi ngokuthi bangene kule link: www.opentickets.co.za. 

Amathikithi ajwayelekile azobiza u-R150 lilinye. I-PSL ibeke nemigomo eqinile ukuqinisekisa ukuthi akwenzeki ubugebengu.

Phela sekuvamisile ukuthi abantu babuthe inqwaba yamathikithi bese bewadayisa ngemali eyengeziwe eceleni.

“Ukuqinisekisa ukuthi adayiswa ngendlela enobulungiswa amathikithi, umuntu ngamunye uzovunyelwa ukuthenga amane kuphela,” kusho iPSL.

“Amaphakheji okuhlala ezicukuthwaneni nawo azotholakala kusukela ngoMsombuluko ekuseni. 

“Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, amalungu omphakathi angashayela ku-082 805 3150 noma athumele i-imeyili ku: booking@sail.co.za.”

Le nhlangano iphinde yacela abalandeli ukuthi baqinisekise ukuthi bathenga amathikithi ezindaweni agunyaziwe kuphela ukuze bagweme ukuthola awomgunyathi.

“I-PSL inxusa kakhulu amalungu omphakathi ukuthi aqaphe futhi athenge amathikithi kuphela ezindaweni ezisemthethweni. 

“Amathikithi athengwe kubantu ngaphandle ngeke abe semthethweni futhi ngeke akuvumele ukungena enkundleni.

“Siphinde sinxuse bonke abalandeli bebhola ukuthi basebenzisane nemithetho yemicimbi ukuze kuqinisekiswe umdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup ophephile nojabulisayo kubo bonke.”   

Lamathikithi kulindeleke ukuthi asheshe aphele ngakho abantu bayanxuswa ukuthi basheshe basukume ukuyowathola.

Lo mdlalo, ozoba phakathi kweKaizer Chiefa ne-Orlando Pirates usuvele ususe isasasa elikhulu ezweni lonke.