EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Abayisikhombisa engozini yokuphuthelwa yidabhi yaseSoweto

Kushisa ikhanda kwabe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngabadlali abasengozini yokuphuthelwa yidabhi yaseSoweto.

Sekusele izinsuku eziyisishiyagalombili ngaphambi kwalo mdlalo obhekwe ngabomvu ozoba seFNB Stadium ngo-Ephreli 26. 

Kunabadlali abayisikhombisa sebebonke abasegozini yokumiswa ngenxa yamakhadi aphuzi amane. 

Kwi-Orlando Pirates, u-Andre de Jong, uNkosinathi Sibisi noMpho Chabatsane banamakhadi amathathu aphuzi.

Lokhu kusho ukuthi ukuthola elinye ikhadi kuzokwenza baphuthelwe yidabhi yaseSoweto esivele ibhekwe ngamehlo abomvu.

AmaBhakabhaka asazobhekana naMaZulu FC ngaphambi kwedabhi, okushiya umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou nesiqumo esinzima. 

Kumele anqume ukuthi uzobeka engcupheni umdlali omqoka njengokaputeni wakhe uSibisi noma ashintshe iqembu aqala ngalo kowaMaZulu.

Ukushintsha kwakhe nokho kungasho ukuqala ngoChabatsane emdlalweni wangoMgqibelo ntambama lapho bebhekene khona noSuthu.

Nokho, kukhona noThabiso Sesane osanda kubuya ekulimaleni angamsebenzisa esikhundleni salaba bobabili.

Khonamanjalo, iKaizer Chiefs yona ibhekene nenkinga enkulu, njengoba inabadlali abane abasengozini yokuphuthelwa yidabhi yaseSoweto.

Labo ngoFlavio Silva, Mfundo Vilakazi, Siphesihle Ndlovu noNkosingiphile Ngcobo — bonke abanamakhasi amathathu aphuzi.

Abaqeqeshi ababambisene uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef manje babhekene nesinqumo ngaphambi kokubhekana nePolokwane City ngoMgqibelo kusihlwa.

Ukungabi bikho kukaSilva noNdlovu kwidabhi, ikakhulukazi, kungaba nomthelela omkhulu, uma kubhekwa ithonya labo ekuvuselelekeni kweChiefs kwakamuva.