EzintshaOrlando Pirates

IPirates izimisele ngokudayisa umgadli odonsa kanzima 

I-Orlando Pirates icabanga ukudayisa omunye wabadlali bayo abahlaselayo njengoba ibheke ukuvula isikhala sokulanda abasha ukuze ivuselele iqembu kabusha ngesizini ezayo. 

Umgadli wase-Angola, uGilberto, ungomunye walabo abahlelelwe ukungena endalini kwiPirates ngemuva kokuhluleka kwakhe kwisizini yakhe yokuqala kwiBetway Premiership. 

Lo mgadli, ojoyine le kilabhu yaseSoweto ekuqaleni kwesizini, uhlulekile ukwenza ukungena eqenjini eliqala imidlalo ekubeni wafika ethwelwe ngeqoma.

Ewindini lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari, i-Orlando Pirates ibolekise ngaye isinyelela, yambuyisela eqenjini lakhe lakudala, iPetro de Luanda. 

Imibiko iveza ukuthi lezi ziqhwaga zaseSoweto sezivulekele ukumdedela unomphela uma kukhona iqembu elimfunayo.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala udlale imidlalo emihlanu kuphela yeligi, nakhona engena esuka ebhentshini. 

Udlale eminye imidlalo eyisikhombisa emiqhudelwaneni yezinkomishi zasekhaya nakwiCaf Champions League. 

Nokho uqale imidlalo emibili kuphela isiyonke, futhi uthole kunzima ukuqhubeka nefomu emenze wagqama kwiPetro de Luanda nakwi-Angola ngesikhathi se-Africa Cup of Nations ka-2024 eCôte d’Ivoire.

Ukunyusa izinga kwabafana abancane abafana noMohau Nkota, kwenze kwanzima kakhulu kuGilberto, ozithole esekude kakhulu nesikimu eqenjini likaJosé Riveiro. 

Kukholakala ukuthi i-Orlando Pirates isibheke ukukhulula abadlali abathile ukuze ikwazi ukwamukela abadlali abasha ngesizini ezayo.

UGilberto useneminyaka emibili esele kwinkontileka yakhe nePirates, kodwa kubikwa ukuthi iPetro de Luanda izimisele ngokumbuyisa unomphela. 

Uma isivumelwano senzeka, kuzophawula ukuphela kwesikhathi sakhe esifushane nesidumazayo namaBhakabhaka.

Uma iPetro ingakwazi ukumthenga, iPirates ingase ifune iqembu lakuleli elizomboleka ngesizini ezayo ukuze akwazi ukujwayela iBetway Premiership.