
OweChiefs ukhale ngonompempe ‘obesiza’ i-Arrows
Iphini lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, liveze ukungagculiseki kwabo ngonompempe ngemuva kokuhlulwa yiGolden Arrows ngeSonto.
Amakhosi ahlulwe ngo 1-0 Abafana Bes’thende emdlalweni weBetway Premiership obuseMoses Mabhida Stadium.
Umqeqeshi uNasreddine Nabi ukhishwe ngekhadi elibomvu esesendleleni ebheke egunjini lokushintshela ngemuva komdlalo.
Ubekade ezama ukukhuluma nonompempe, eveza izinkonondo abenazo ngomsebenzi wabo.
UBen Youssef nguye obambele uNabi esithangamini nabezindaba sangemuva komdlalo.
Uchaze ngekhadi elibomvu likaNabi ngokuthi yena ubeyokhononda ngokumosha isikhathi kweGolden Arrows.
Ithimba labaqeqeshi leChiefs libone ukuthi i-Arrows ibisebenzisa ukushintsha abadlali ukumosha isikhathi, ibambezele nokuqhubeka nomdlalo.
Bakholwa nawukuthi abadlali be-Arrows bebezenzisa uma beke bathinteka ukuze balale phansi, baphazamise umdlalo.
UBen Youssef uthe unompempe akazange engeze isikhathi esanele ekupheleni komdlalo.
Ubuze ukuthi kungani kufakwe imizuzu emithathu kuphela yesikhathi esengeziwe ekubeni ubebona kufanele kube yimizuzu okungenani emihlanu.
“Imvamisa, uma kushintshwa kwengezwa imizuzwana engu-30,” uBen Youssef usho kanje kwabezindaba.
“I-Arrows ishintshe kahlanu, thina sashintsha kathathu. Kodwa imizuzu emithathu kuphela eyengeziwe.”
Wengeze ngokuthi iGolden Arrows isebenzise wonke amaqhinga ongawacabanga ukumosha isikhathi kodwa ayizange ijeziswe ngalokho.
“Awekho amakhadi aphuzi anikezwe abadlai ngokumosha isikhathi. Kubukeke sengathi unompempe ubeyisiza imbangi.”
Naphezu kokukhungatheka kwakhe, uBen Youssef uqoke ukugxila ekusebenzeni kweqembu lakhe.
“Ngiyazi ukuthi kuyisimo esinzima kithi. Kodwa angifuni ukusho okuningi ngakho.”
