
I-Orlando Pirates nezintsha ngokushiya kukaJose Riveiro
I-Orlando Pirates isiveze ukuthi umqeqeshi uJose Riveiro ngeke esalinda kuze kuphele isizini ngaphambi kokuthi ashiye.
Umdlalo wakhe wokugcina kuzoba ngowangoLwesibili uma i-Orlando Pirates seyibhekene neGolden Arrows emdlalweni weBetway Premiership.
Lo mqeqeshi waseSpain ucele ukukhululwa ngaphambi kwesikhathi sokuphela kwenkontileka yakhe obekumele iphele ngoJuni.
Usihlalo weqembu u-Irvin Khoza usamukele isicelo sakhe. Uveze ukuthi uRiveiro usevele usayine neqembu elisha.
UKhoza uncome igalelo elikhulu likaJose Riveiro kwi-Orlando Pirates. Uthe ikilabhu ikhethe ukungakumemezeli lokhu kuze kube ngemuva komdlalo wamanqamu weNedbank Cup.
“UJose weza kithi emasontweni ambalwa edlule nesicelo sokuthi akhululwe enkontilekeni yakhe ngaphambi kwesikhathi esimisiwe, ngoba usesayine neqembu elisha.
“Uma kubhekwa isikhathi; phakathi kochungechunge lwemidlalo ebalulekile – sikholwa ukuthi kungcono ukubambezela lesi simemezelo kuze kube ngemuva kowamanqamu weNedbank Cup.
“Igalelo lakhe selokhu ajoyina ikilabhu libe likhulu. Sifunde lukhulu kuye, wafunda lukhulu kithina,” kusho uKhoza.
“Nakuba besingafisa ukumhlonipha ngokusemthethweni ngokumvalelisa kahle, sisihlonipha ngokugcwele isinqumo sakhe sokuhamba ngaphambi kokuphela kwesikhathi sakhe.”
UJose Riveiro uqophe umlando kwi-Orlando Pirates. Uwine izindebe ezintathu futhi ushiya iqembu elihlangene kahle, elidlala ibhola elihle.
Esitatimendeni seqembu, uRiveiro uzwakalise ukubonga kwakhe. Ubonge iPirates ngokumvumela ukuthi asheshe ahambe.
“Ngifuna ukuzwakalisa ukwazisa kwami obuqotho be-Orlando Pirates ngokungivumela ithuba lokuhamba ngaphambi kokuphela kwenkontileka yami.
“Ukuvalelisa akukaze vele kwaba lula, lesi yisikhathi esinzima nokwemizwa, ikakhulukazi kimi.”
