EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Izinkunzi zaseSoweto nethuba elingandile kubalandeli

Lamaqembu kulindeleke ahambele amazwe ehlukene e-Europe lapho ezobe ekhempe khona amasonto ambalwa uma kungeyona inyanga.

Akukaqinisekiswa okwamanje ukuthi azoya kuphi, kodwa iPirates sekuke kwavela ukuthi ingase iye eGermany. 

Kumasizini amabili edlule, iPirates beyiya eSpain la obengumqeqeshi wayo, uJose Riveiro edabuka khona.

Imiphumela yalawo makhempu ibonakalile njengoba iPirates ikwazile ukunqoba izindebe ezintathu kulamasizini.

Ngaphezu kwalokho, iqede endaweni yesibili kwiBetway Premiership, kule sizini yenza kahle nakwiCaf Champions League. 

IChiefs nayo iyilungiselele phesheya le sizini njengoba beyikhempe eTurkey, okuyila nomqeqeshi uNasreddine Nabi afikela khona wahlangana nabadlali okokuqala.

Nayo le khempu yeChiefs ilufakile ugqozi kubadlali bayo njengoba bekwazile kulokhu ukuvika ihlazo lokuphinde baqede isizini beshwiba izandla. 

Nokho kwiligi iphinde yaphoxa njengoba ihlulekile ukungena emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi. 

Nokho ukunqoba iNedbank Cup kungabuyisa ukuzethemba futhi kube yinto yokwakhela phezu kwayo ukuya phambili.  

Manje izinkunzi zaseSoweto sezibheke ukulungiselela isizini elandelayo futhi amalungiselelo aseqalile. 

Okuhle wukuthi zinika abalandeli ithuba lokuhamba nazo uma seziya emakhempini azo alandelayo. 

Lo mncintiswano uvuleleke kubalandeli bazo zombili izinkunzi zaseSoweto njengoba uxhaswe abaxhasi bazo iVodacom.

Ukungenenela lo mncintiswano kulula, ngena kule link: http://bit.ly/4jFSnvn bese ugcwalisa imininingwane yakho. 

ILisenethini ikufisela inhlanhla, engathi bekungaba ngomunye wabafundi bethu othola leli thuba khona eyobuya asixoxele kahle ngalo.