
AmaZulu achitha unozinti ‘obewahlinzela ezibini’
Umakadebona kanozinti uVeli Mothwa uzoyishiya AmaZulu FC uma kuphela inkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni.
Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala ujoyine AmaZulu esuka kwiChippa United ngoNovemba ka-2020.
Ukube uhlale enye isizini, ubezoqeda amasizini amahlanu kuleli qembu laKwaZulu-Natal.
Nokho iSABC Sport ibika ukuthi isikhathi sikaMothwa kuMaZulu siyaphela.
Nokho kuvela ukuthi uMothwa usevele unazo ezinye izesheli ezilinde ukuthi aphelelwe yinkontileka bese zigxuma zihlale.
Okwamanje kodwa bekusakhulunywe ngomlomo nje, akukho okusemthethweni osekukhona kanti kulindeleke ukuthi asayine neqembu elisha uma esethole incwadi emkhululayo kuMaZulu.
UMothwa uzothole eqiwa yijezi kuleli qembu kulandela ukufika kukanozinti waseGhana uRichard Ofori nasekuqaleni kwesizini.
Ukuba khona kuka-Ofori kushushele uMothwa ebhentshini. Nokuthi ke naye uMothwa ubenza amaphutha abucayi akumsizanga.
Lo nozinti uke waba neshwa lokudliwa amabhola alula, kuMaZulu nakwiBafana Bafana.
Ekuqaleni kwesizini yeBetway Premiership ka-2024/25, uMothwa nguye obeyisethenjwa epalini ngaphansi komqeqeshi uPablo Franco Martin.
Kodwa izinto zabuye zashintsha ngokushesha. UMartin waxoshwa ngemuva kwemidlalo emithathu nje kuphela.
U-Arthur Zwane uthathe izintambo zokuqeqesha ehambisana noVusumuzi Vilakazi obuye washiya phakathi nesizini.
Ngaphansi kobuholi bukaZwane, AmaZulu aqede endaweni yesithupha kwilogi.
UMothwa udlale imidlalo eyisikhombisa kuphela isizini yonke.
Ubengekho esikwatini sosuku lomdlalo semidlalo emibili yokugcina yaMaZulu — ebhejene nePolokwane City ne-Orlando Pirates.
Umengameli woSuthu uSandile Zungu uke wabuzwa ngabadlali abangase bachithwe ngasekuqaleni kwaleli sonto.
Waphendula ngokuthi ubengakahlangani nethimba labaqeqeshi ukuphothula izinqumo ngabadlali.
UMothwa yena uselungiselela isahluko esisha. Nokho kubukeka engeke ahlale isikhathi eside engenalo iqembu.
