EzintshaOrlando Pirates

IPirates nesimemezelo ngamathikithi omdlalo wokuqala

I-Orlando Pirates isikhiphe isexwayiso kwabangenawo amathiki omdlalo wayo wokuvula isizini ngoMgqobelo.

Ithi amathikithi alo mdlalo neMilford FC e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo ntambama asephelile.

Lo mdlalo osekunesikhathi ubhekwe ngabomvu uzoqala ngo-3 ntambama.

Kuthe sekusele ngaphansi kancane kwehora uqale lo mdlalo, iPirates yamemezela ukuthi amathikithi asedayiswe aphela.

Lokhu kwenzeka ngoba abalandeli bamagange ukubona ukuthi leli qembu labo libaphatheleni kule sizini entsha.

Phela ngedlule libajabulise kakhulu, linqoba izindebe ezintathu – okuyiMTN8, iCarling Knockout neBetway Premiership. 

Ngesizini edlule ayiqalanga kahle kwiligi, yehlulwa emidlalweni emibili yokuqala nokwadala ukhwantalala kubalandeli.

Baze bafuna ukuba umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou, obefika ngaleso sikhathi, akhonjwe indlela afike ngayo.

Nokho kulokhu bazobe bebheke ukuthi i-Orlando Pirates iqale kahle njengoba ibhekene neqembu elingomakoti kulesi sigaba.