Bafana BafanaEzintsha

Okwenza uHugo Broos akhungatheke ngokwenzeke kwi-Afcon

IBafana ihlulwe ngo 2-1 yiCameroon eRabat ngeSonto okwenze yawasha ijezi ekuseni kulo mqhudelwano oseMorocco.

Ukuhlulwa kuqede umkhankaso wabo esigabeni seLast 16, okuphoka kakhulu uma ukuqhathanisa nendawo yesithathu eyaphuma kuyo e-Ivory Coast eminyakeni emibili edlule.

IBafana ibuyele kuleli ngoLwesithathu ekuseni kanti ayizange ihlangatshezwe ngesasasa elifanayo.

UHugo Broos ubuzwe ukuthi ingabe kukhona yini izinguquko azicabangayo ngabagadli bakhe kulandela ukuyekwa kwamathuba amaningi alula eMorocco. 

Uthe ukuhlola kwakhe okuphelele ngeke kwenzeke ngokushesha, kodwa uvumile ukuthi kukhona okumele kushintshe.

“Njengoba ngishilo phambilini, ngicabanga ukuthi ezinsukwini nasemavikini alandelayo sizokwenza ukuhlola okuphelele ngale-Afcon,” kusho uBroos.

Wengeze ngokuthi lolu hlelo luzofana nokubuyekezwa okwenziwe ngemuva komqhudelwano odlule obuse-Ivory Coast.

“Sizobona ukuthi yini ebiyinhle nokuthi yini ebingeyinhle. Izinto ezimbi kufanele sizithuthukise kuzo,” kwengeza lo mqeqeshi idabula eBelgium.

UHugo Broos uthe imizwa iphezulu kakhulu ukuthi usengakhuluma ngokukhululeka njengamanje.

“Uma uhlulwe kanje, usala ukhungathekile futhi uphoxekile. Kwesinye isikhathi usho izinto ogcina uzisola ngazo,” kuqhuba yena.

“Ngakho, ngeke ngikwenze lokho. Kodwa ngiyavuma ukuthi kufanele sihlole ukusebenza kwethu futhi sibone ukuthi yini esingayishintsha.”

UBroos uzoba nethuba lokuhlola iqembu lakhe ngemidlalo yobungani yangoMashi njengoba manje sekugxilwe kwiNdebe yoMhlaba ngoJuni.