EzintshaOrlando Pirates

IPirates iqala ngelinamava, uNcikazi nesexwayiso ngeMilford

I-Orlando Pirates isimemezele isikwati esiqinile nesinamava ezovula ngaso isizini ka-2026/27 yeBetway Premiership.

Lezi zinkunzi zizobhekana neMilford FC e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo ntambama – umdlalo uqala ngo-3 ntambama.

Umqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou, ukhethe ukwethemba abadlali abasize iqembu lanqoba iligi ngesizini edlule.

Akekho noyedwa kubadlali abasanda kusayinwa oqalayo kulo mdlalo obhekwe ngabomvu.

Nokho, abayisithupha kubadlali abasha basebhentshini futhi bangase banikezwe ithuba lokudlala okokuqala kwi-Orlando Pirates ngokuqhubeka komdlalo.

Likhuluma ngaphambi komdlalo, iphini lomqeqeshi uMandla Ncikazi lixwayise abadlali ngokungayithathi kancane iMilford FC.

“Amalungiselelo ethu ahambe kahle, kodwa manje sekumele sikubonise enkundleni ebesikwenza sizilungiselela.

“Isitha sethu esikhulu kuzoba ukuzethemba ngokweqile,” kusho uNcikazi. 

“Asikwazi ukubukela phansi iMilford ngoba ingompetha beligi yayo. Iyiqembu elihle futhi siyalihlonipha.”

UNcikazi uthi njengoba wonke amaqembu eqala isizini engenawo amaphuzu, i-Orlando Pirates kufanele igxile ekwenzeni umsebenzi wayo kahle ukuze ithole amaphuzu amathathu.

“Wonke amaqembu aqala engenawo amaphuzu,” kwengeza lo mqeqeshi. 

“Thina kufanele sisebenzise esikulungiselele, sihloniphe izimbangi zethu bese silwela ukunqoba.”

Ibophele kanje iPirates (4-3-3): Chaine – Sebelebele, Hotto, Sibisi, Seema– Mbatha, Dansin,Maswanganyi – Appollis, Moremi, Mbuthuma.

Ebhentshini: Dladla, Lungu, Rapoo, Zulu, Kgositsile, Masilela, Mariko, Mthiyane, Radiopane.