EzintshaKaizer Chiefs

URobson Muchichwa nesizathu ‘sokuvusa’ uNo. 15 kwiChiefs

URobson Muchichwa ube ngumdlali wokugcina ukusebenzisa ngokusemthethweni uNo. 15 kwiChiefs ngaphambi kokuthi ikilabhu iyiyeke ukuhlonipha uDoctor Khumalo. 

Kungesikhathi sikaKhumalo lapho le nombolo yaduma futhi yahlonishwa, ikilabhu yanquma ukuthi ngeke isasetshenziswa ukukhombisa inhlonipho kuye. 

Kodwa uRobson Muchichwa ukholwa ukuthi le nombolo yejezi ibingahlonishwa kangcono uma inganikezwa umdlali osemncane othembisayo khona izomkhuthaza.

Ekhuluma kwiGame On yeRadio 2000 ngesonto eledlule, uRobson Muchichwa ugqugquzele ukuthi le nombolo ibuyiswe futhi inikezwe abadlali abafanelekile. 

“Kimina bekungeyona into enkulu,” kusho uMuchichwa ebuzwa ngokusebenzisa uNo. 15 kwiChiefs.

“Into enkulu kwakuwumsebenzi engangibhekene nawo. Ngangingumdlali omusha kwiKaizer Chiefs kanti bekumele ngisho ukuthi anginandaba nenombolo yejezi.

“Kwakuyinombolo nje. Futhi ngisenomuzwa wokuthi le nombolo yejezi isadinga ukugqokwa ngumuntu ukuze ibungazeke kahle.

“Ayogqokwa manje. Kodwa uma kunjalo, kungani ingasetshenziswa? Uma ingasetshenziswa , abadlali abancane bazoyigubha kanjani? 

“Kimina, uma umuntu efuna ukuthi lelo jezi ligujwe kumele lisetshenziswe. Abadlali abancane bazokwazi kanjani ngayo uma ingasetshenziswa?

“Idinga ukugqokwa abanye abasebancane. Udinga ukuyinika ingane ukuze yazi ukuthi uma isiyigqokile izoyizwa, ikhuthazeke.

“Bazothi, ‘yebo, ngigqoke uNo 15 owawugqokwa uDoctor Khumalo’,” kwengeza uMuchichwa.

Wenze isibonelo ngoNo. 10 nokuthi abantu basavele bacabange izinkakha esezashona oPele waseBrazil noMaradona wase-Argentina.

“Uma ubheka uNo. 10, uhlale ucabanga ngoPele noMaradona,” kuchaza le nkunzi edabuka eZimbabwe eyafikela kwiQwaqwa Stars kuleli.