EzintshaNedbank Cup

Kucaciswa eyesiphithiphithi samathikithi eNedbank Cup

Inkampani enikwe umsebenzi wokudayisa amathikithi omdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup egameni lePremier Soccer League (PSL) isixolisile ngesiphithiphithi esiqubuke ngoMsombuluko. 

Ngesikhathi abalandeli bephuthuma ukuyothenga amathikithi alo mdlalo olindelwe ngabomvu, bahlangabezane nembizizane.

Lo mdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup uqhathe iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kanti unesasasa elikhulu. 

Abanye abalandeli bavuke ezintatha zangoMsombuluko bayoshaya ujenga befuna amathikithi ezitolo zakwaCheckers nezaseShoprite.

Kodwa uhlelo lokuwadayisa luvele lwaphoxa, lwashiya izinkulungwane, uma kungewona amakhulu ezinkulungwane zabalandeli bephoxekile. 

Uhlelo lwe-inthanethi lwe-Open Tickets nalo luphahlazekile, kanti ekupheleni kosuku ngoMsombuluko bekungakacaci ukuthi amathikithi asedayiswe aphela noma kwenzekeni. 

“I-Open Tickets iyazisola ngokuphazamiseka kwabalandeli ngesikhathi sokuthengiswa kwamathikithi omdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup ka-2025,” sifundekaa kanje isitatimende sale nkampani.

“Ukwanda kwesidingo okungakaze kubonwe phambilini kubangele ukubambezeleka kwesistimu ngemuva nje kokuvulwa kokuthengisa ngoMsombuluko.

“Siyakuqonda ukukhathazeka okudalwe yilokhu futhi sizama konke ukululungisa ngokushesha lolu daba. 

“Umbiko ogcwele uzothunyelwa kwiPremier Soccer League (PSL),” isitatimende siqhube kanje.

Le nkampani iphinde yaveza ukuthi kuzoba nokuxhumana nabathengi abangakwazanga ukuqedela ukuthenga kwabo ngoMsombuluko ngemuva kokuphahlazeka kohlelo besematasa.  

“Amakhasimende athintekile azothola ukuxhumana okuqondile mayelana nesimo samathikithi, ukukhishwa kabusha kwawo noma ukubuyiselwa kwemali yabo lapho kufanele khona.

“Sizibophezele ekuxazululeni le nkinga nokubuyisela isevisi ephelele ngokushesha okukhulu. 

“Ezinye izibuyekezo zizokwabiwa ngezinkundla zethu ezisemthethweni. Siyabonga ngesineke nokuqonda kwenu.”