
Okwenze uJosef Zinnbauer achizele izinkunzi zase-Egypt
Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer usechithe iziqhwaga zase-Egypt iZamalek SC.
UZinnbauer ukhethe ukugxila emsebenzini wakhe eqenjini lase-Algeria i-JS Kabylie, lapho enenkontileka khona kuze kube nguJuni 2026.
Lo mqeqeshi odabuka eGermany ubuyele e-Afrika ngoJanuwari ngemuva kwesikhashana eqenjini laseSaudi Arabia i-Al-Wehda.
Uxoshwe ngemuva kwizinyanga ezintathu kwi-Al-Wehda kulandela ukuphikwa imiphumela engemihle.
Ngaphambi kokuya kwakhe eSaudi Arabia, uZinnbauer ube nempumelelo enkulu neRaja Casablanca eMorocco.
Uyinqobise izicoco ezimbili – eseBotola Pro League neseThrone Cup ngaphambi kokuthi anqume ukushiya aye eSaudi Arabia.
IKabylie ibe seyimlanda ukuze ayibuyisele isithunzi sayo ngemuva kokuqeda endaweni ka-14 ngesizini ka-2022/23.
Ngesizini edlule leli qembu likwazile ukuqeda endaweni yesikhombisa kodwa kwasho ukuthi abaphathi abeneme.
UZinnbauer ungene esikhundleni sika-Abdelhak Benchika futhi useguqule izinto ngokushesha.
Ngaphansi kwesandla sakhe, iKabylie isidlale imidlalo eyisishiyagalolunye, yawina emihlanu, yadlala ngokulingana kwemithathu, yahlulwa kanye.
Njengamanje ayikaze bahlulwe emidlalweni eyisishiyagalombili yeligi, futhi ikhombisa ukuba sesimweni esihle kakhulu.
IKabylie ihlezi endaweni yesithathu kwiligi ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-24.
Iyalingana ngamaphuzu neCR Belouizdad, eqeqeshwa nguSead Ramovic, kanti isele ngamabili ngemuva kweMC Alger eqhwakele.
IZamalek SC iphinde yavuselela intshisekelo yayo kuZinnbauer njengoba ithungatha umqeqeshi omusha nje.
Leli qembu lase-Egypt lixhumane nekhempu kaZinnbauer ngezingxoxo ezingase zibe khona mayelana nesivumelwano.
Kodwa-ke, ngokubika kweSportswire.coc.za uJose Zinnbauer wenqabile ukuya kuyo, wathi usafuna ukuqedela lo msebenzi awuqale e-Algeria.
Ufuna ukuqeda akuqale kwiKabylie. IZamalek isanda kuxosha umqeqeshi wasePortugal uJose Peseiro ngemuva kokungaqhubi kahle kwemiphumela.
UPeseiro usebenze izinyanga ezimbili kuphela wehluleka njengoba esegcine ngokuthi akhonjwe indlela.
IKabylie ifuna isicoco seligi sokuqala kusukela ngesizini ka-2007/08. Iphinde ifune indebe yokuqala enkulu kusukela ngesizini ka-2020/21.
UJose Zinnbauer uyakholelwa kulu msebenzi awenza kwiKabylie futhi ugxile ekuletheni impumelelo.
