DStv Premiership

UProf uzishaya isifuba ngoThalente Mbatha

UMlungisi “Professor” Ngubane ubabaza isimanga sekhono elikhonjiswa umdlali ophume esandleni sakhe, uThalente Mbatha we-Orlando Pirates.

Le nkakha yeDurban Bush Bucks naMaZulu FC itshele iLisenethini ukuthi iyazigqaja ngokuba nesandla ekukhuliseni ikhono likaMbatha.

UMbatha uzakhele igama kwiBafana Bafana eshaya igoli edlala okokuqala, waphinde washaya elinye emdlalweni wesibili.

Okuthathe amehlo ngalamagoli yindlela awashaye ngayo – womabili ubededela ishodi ngonyawo angavamile ukulisebenzisa engaphandle kwebhokisi.

Futhi womabili ubewashaya sekubalwa amanenjana umdlalo uphele, ehlenga iBafana ehlazweni.

“UMbatha wadlala kwiMlungisi Professor Ngubane Academy ngaphambi kokuthi adlulele kwiSuperSport United,” kusho uNgubane.

UMbatha uhlale iminyakana kwiSuperSport kodwa engalinikwa ithuba lokudlala.

IPirates yamangaza abaningi icela ukubolekwa yena ngoba ifisa ukumbonela eduze.

Ufike wagila izimanga, wadlela izethenjwa oThabang Monare noMiguel Timm indawo esiswini maphakathi nenkundla. 

“Ngaqala ukumbona efika ejimini elethwe ngomunye uthisha wakhe nomunye umfana angisabakhumbuli kahle amagama abo,” kuqhuba uNgubane. 

“Bancane abadlali abanjengoThalente Mbatha kwiBetway Premiership.

“Into ahluke ngayo wukuthi akadlaleli abalandeli ukubukwa kodwa udlalela ukusiza iqembu linqobe.”

UProf, owayedume ngomjiko nezimbumbulu zamashodi, uthi ngeke kuthathe kude ukuthi uMbatha aye phesheya.

“Mina ngibona ukuthi uzoshesha ukuya phesheya kwezilwandle uma engazophazanyiswa wukulimala noma engenwe udumo emqondweni wakhe.

“U-Irvin Khoza uzokwenza imali enhle ngoThalente Mbatha noRelebohile Mofokeng ngoba bayazimisela ekudlaleleni ibhola eliya phambili.”

UMbatha uhamba ezinyathelweni zezingwazi zaKwaZulu-Natal ezadlala emaqenjini amakhulu aseSoweto iKaizer Chiefs nePirates.

Kulabo singabala oSamora Khulu, uShaka Ngcobo, uTen-Ten Nzimande, uNeil Tovey, uSiyabonga Nomvete, uSiyabonga Sangweni,  noSiboniso Gaxa phakathi kwabanye.