EzintshaOrlando Pirates

IPirates ibhekene nesinqumo esinzima ngoMashiloane 

I-Orlando Pirates isizithole isibhekene nesinqumo esinzima ngomdlali wasemuva u-Tshepo Mashiloane ngemuva kokuba evuselele umsebenzi wakhe ngesikhathi ebolekiswe kwiSekhukhune United ngesizini edlule.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 udubala ufike kwiPirates ngemuva kokugqama kwiBaroka FC.

Kodwa izinto azimhambelanga kahle ngesikhathi esebenza ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou.

Udlale imidlalo emibili kuphela ekuqaleni kwesizini ka-2025/26, kanti yomibili yaphela ngokuhlulwa yiSekhukhune United neMarumo Gallants.

Ngemuva kwalokho, i-Orlando Pirates ibolekise ngo-Tshepo Mashiloane kwiSekhukhune ngenhloso yokuthi athole ukudlala njalo.

Kuqale kwangathi kuyabhimba, kodwa wagcina ezitholele indawo eqenjini, waphetha isizini esedlale imidlalo engu-19 kuyo yonke imiqhudelwano.

Ushaye amagoli amabili waphinde wakha amanye amabili. Manje usebuyela kwiPirates ngesikhathi isimo sesihluke kakhulu.

Njengoba uBandile Shandu noThabiso Lebitso sebeshiyile, uDeano van Rooyen nguyena kuphela umdlali odlala kwesokudla emuva osele eqenjini. 

Lokho kungavulela uMashiloane ithuba lokuzibonakalisa. Nokho, iSoccer Laduma ibika ukuthi iPirates ayikakasithathi isinqumo sokugcina ngekusasa lakhe.

Leli qembu lisaqhubeka nokuhalela umdlali wePolokwane City neBafana Bafana, uThabang Matuludi. 

Uma lowo mdlali esayina, amathuba kaMashiloane angaphinde anciphe.

Kodwa uma kungenzeki, u-Tshepo Mashiloane angase athole ithuba lokuzibonakalisa kwi-Orlando Pirates.