
Seziyasolisa izigameko ‘zokungezwani’ ekhempini yeChiefs
Sekuqubuke izinsolo zokuthi kuningi okungahambi kahle ekhempini ye-Kaizer Chiefs kulandela uchungechunge lwezigameko ezingezinhle muva nje.
Esakamuva senzeje ngemuva kokuhlulwa kwaleli qembu yiRed Arrows yaseZambia kwiCaf Confederation Cup.
Unozinti uRenaldo Leaner nomdlali wasemuva uReeve Frosler kudingeke ukuthi bahlukaniswe ngemuva kokubonakala bexabana, kulandela ukuhlulwa kweChiefs ngo 1-0 ngoMgqibelo.
Ividiyo yalesi sigameko isisabalele ezinkundleni zokuxhumana, yasusa izinkulumo-mpikiswano kubalandeli ngokwenzekayo ngaphakathi eqenjini.
Kodwa lesi akusona sodwa isigameko esisuse imibuzo ngokwenzeka ngaphakathi kwi-Kaizer Chiefs.
Unozinti uFiacre Ntwari naye uke waba sematheni ngesizini edlule ngesikhathi enqaba ukushintshwa sekusondele isikhathi sokukhahlelwa kwamaphenathi, nokuyinto eyasusa imibuzo ngobumbano eqenjini.
Kuphinde kwavela izinsolo zokuthi uJunior Motaung wangena egunjini lokushintshela engasagayelwe zinkobe, wasola abadlali abasebancane ngokungalisizi ngalutho iqembu.
Kubikwa ukuthi uThabo Cele wangenelela, wamkhuza uMotaung ngokukhomba abadlali abathile ngenjumbane uma iqembu lingenzanga kahle.
Lezi zigameko sezikhulise imibuzo ngokwenzeka ngaphakathi kwi-Kaizer Chiefs, njengoba iqembu liqhubeka nokufathuza, lingenzi kahle.
- FUNDA NALA | Ungene esibhedlela ohilizisane noKomphela
Nokho, ikilabhu ayikasho lutho ngazo zonke lezi zigameko, ngaphandle kokugxekwa kwesikaNtwari ohlelweni lukamabonakude iGiants.
Kodwa umbuzo umile, ingabe lezi zigameko ziwubufakazi bezinkinga ezijulile ngaphakathi eqenjini, noma yizingxabano nje ezidalwe ingcindezi yemiphumela?
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
