Ezintsha

Zikhiphani ngoCassius Mailula? Imenenja iyachaza

Ikusasa likaCassius Mailula alicacile kahle, kanti umnyakazo wakhe olandelayo ungase uze ucace kahle ekupheleni kwesizini.

Lo mgadli oneminyaka engu-24 ubudala okwamanje ubolekiswe kwiKV Kortrijk esuka kwiToronto FC. 

Leli qembu laseBelgium selikhushulelwe esigabeni esiphezulu elizodlala kuso kusukela ngesizini ezayo. 

Kodwa-ke, akukacaci ukuthi iKortrijk izowusebenzisa yini umbandela enawo yokumsayinisa unomphela lo mdlali.

UCassius Mailula ubbhekane nezinselelo esikhathini sakhe e-Europe, edonsa kanzima ukungena azinze eqenjini eliqala imidlalo. 

Ukuthuthela kwakhe phesheya kwalandela ima elinganiselwa ku-R30 Million eyakhokhelwa iMamelodi Sundowns ngoJulayi 2023.

Kusukela lapho, ubolekiswe kwamanye amaqembu. Uqale wajoyina iWydad Athletic Club eMorocco.

Bekubhekwe ukuthi abuyelwe yifomu yakhe njengoba ebephinde wasebenza nomqeqeshi uRulani Mokwena. 

Imenenja yakhe, uKarabo Tshabuse we-P Management, ikuqinisekisile ukuthi izingxoxo ngekusasa lakhe azikakaqali.

“La makilabhu womabili asazobuyekeza, njengoba isivumelwano sokubolekana siphela ekupheleni kwesizini,” kusho le ntokazi kwiSABC Sport.

Lokhu kukhomba ukuthi zonke izinhlangothi kungenzeka zihlanganyele ezingxoxweni ezisemthethweni ngesikhathi sekhefu likaJuni.

Kulapho kuzothathwa khona isinqumo sokuthi uMailula ubuyela e-United States noma uyaqhubeka nohambo lwakhe e-Europe.