
IChiefs ‘isiqedile’ ngoPhili, isifuna oweBafana
IKaizer Chiefs ibonakala isisheshisa umsebenzi wayo wokusayinisa abadlali ngemuva kokubonakala ihamba kancane ekuqaleni kwewindi lokudayiselana.
Kubikwa ukuthi iChiefs isisondele kakhulu ekuqedeni ukusayinisa umdlali wasophikweni weStellenbosch FC, uLangelihle Phili.
Njengoba uPhili esesendleleni ebheke eNaturena, manje iChiefs isibheke omunye umdlali wasophikweni weBafana Bafana neMamelodi Sundowns, uThapelo Maseko.
UMaseko uzakhele igama ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2026 lapho eshaye khona igoli ngesikhathi iBafana Bafana ishaya iSouth Korea.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 uchithe ingxenye enkulu yesizini edlule ebolekiswe yiSundowns kwi-AEL Limassol yaseCyprus, lapho enze kahle khona.
Nokho kubukeka sengathi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso njengoba engafakwanga esikwatini esiye ekhempini yangaphambi kwesizini e-Austria.
Ngokombiko weSportsBoom, iSundowns ayinankinga nokudedela uMaseko, kungaba ngokumbolekisa noma ngokumdayisa ngokuphelele.
Lokhu kunikeza iChiefs ithemba elikhulu lokumsayinisa ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali ngoSepthemba.
- FUNDA NALA | UModise ngokuhle ngeBanyana
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs uFernando Da Cruz usanda kuveza ukuthi usafuna abanye abadlali abahlaselayo, kanti u-Langelihle Phili kubikwa ukuthi usengomunye wabadlali asebezofika eNaturena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
