
UModise uveza okuhle ngokuhlulwa kweBanyana Banyana
Owayeyisihlabani se-Banyana Banyana, u-Portia Modise, uthi udumazekile ngendlela iqembu eliqale ngayo umkhankaso wokuvikela isicoco seCaf Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) eMorocco.
IBanyana ihlulwe ngo 2-1 yiTanzania emdlalweni wayo wokuqala, okushiye amathuba ayo okuvikela isicoco eyasinqoba ngo-2022 esengcupheni.
Nokho, uModise uthi kukhona okuhle akubonile kulokhu kwehlulwa.
Uthi sekuphinde kwenza kwagxilwa kwisimo sebhola labesifazane eNingizimu Afrika nokuthi liphethwe kanjani.
“Bekubuhlungu ukubuka iBanyana. Angijabule ngendlela edlale ngayo,” kusho uModise.
“Kodwa ngiyajabula ukuthi namuhla wonke umuntu usekhuluma ngesimo seBanyana.
“Sekuyisikhathi sokuyeka ukuzitshela ukuthi ibhola labesifazane liyakhula, kanti empeleni liyahlehla.”
U-Portia Modise uthi inkinga ye-Banyana Banyana izoxazululeka kuphela uma ibhola labesifazane linikezwa ukunakwa okufanele.
“Angisho ukuthi kufanele linikwe u-50% wokunakwa, kodwa okungenani alinikwe u-40% ukuze abadlali bangene enkundleni bezigqaja.”
UModise uphinde wathi abadlali abadala abadlala phesheya kwezilwandle kufanele babuye bazosiza iqembu.
Nokho ugcizelele ukuthi abadlali akufanele kube yibo kuphela abasolwayo ngesimo seqembu.
Uthi ukungalungiseleli iqembu ngendlela efanele yikho okuyimbangela enkulu yezinkinga.
“Abantu bahlale besola laba badlali, kodwa inkinga iqala phezulu kubaholi,” kuqhuba le ntokazi.
- FUNDA NALA | UDa Cruz nombandela ngezicoco kwiChiefs
“Mina bengilokhu ngikusho lokhu, kodwa abantu bebengangilaleli futhi bangithukuthelele bese bengivalela ngaphandle.
“Ukube bangilalela kudala, le nkinga ngabe kade yaxazululeka,” kuphetha u-Portia Modise owashaya amagoli angu-101 kwi-Banyana Banyana .
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
