
IChiefs isimemezele umdlali omusha emsayinile
I-Kaizer Chiefs isimemezele ngokusemthethweni ukusayina umdlali wasesiswini waseTanzania, u-Adolf Mtasingwa Bitegeko, oqhamuka kwelinye lamaqembu amakhulu kuleliya lizwe, i-Azam FC.
Amakhosi amemezele lezi zindaba ngoMsombuluko ntambama ngemuva kokuphothula izingxoxo ne-Azam FC. Imali athenge ngayo lo mdlali ayidalulwanga.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ujoyina iChiefs ngemuva kokuba ngukaputeni we-Azam FC, lapho ezakhele khona igama njengomunye wabadlali basesiswini abaqavile eTanzania.
Ukusayina kwakhe kuqopha umlando njengoba eba ngumdlali wokuqala waseTanzania ukuzodlala kwi-Kaizer Chiefs.
IChiefs ithe ukufika kukaMtasingwa kuqinisa umlando waleli qembu wokusayinisa abadlali abavela emazweni amaningi ase-Afrika.
Kuze kube manje, abadlali abavela emazweni angaphezu kuka-20 sebeke badlalela Amakhosi.
Kulindeleke ukuthi uMtasingwa alethe ubuholi, amandla nokuzinza enkabeni yenkundla njengoba iChiefs iqhubeka nokwakha isikwati esizobanga izindebe ngesizini entsha.
Ukufika kwakhe kuphinde kukhombise ukuthi Amakhosi azimisele ukuqinisa njengoba abalandeli bebekhathazekile ngokuthula kwayo emakethe yabadlali.
- FUNDA NALA | UShalulile noMabasa bakhonjwa kwelikaRulani
Abalandeli be-Kaizer Chiefs bazobe sebelindele ukubona ukuthi lo mdlali uzojwayelana ngokushesha kangakanani nebhola laseNingizimu Afrika.
UBitegeko ungumdlali wesibili osayinwe Amakhosi kuleli windi ngemuva kukaThabo Moloisane obekwiStellenbosch FC.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
