EzintshaKaizer Chiefs

Okwenze umehluko kwiChiefs kule sizini – Bobby Motaung

Ukuveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kwethulwa abaxhasi abasha bale kilabhu, iCarling Black Label ngoLwesibili.

IChiefs ingelinye lamaqembu asemgqigweni omuhle kwiBetway Premiership kule sizini futhi ikhona embangweni walesi sicoco.

Isethubeni nakwiCaf Confederation Cup njengoba iqhwakele kuGroup D ngaphambi kwemidlalo yokugcina kulesi sigaba ngempelasonto. 

UBobby Motaung uthi lesi simo esihle eqenjini size ngenxa yokubekezela nokungatatazeli kwabaphathi. 

“Impumelelo ebonakalayo njengamanje isuka ekuhleleni nasekungashintshini,” kusho uMotaung. 

“Ukuhlela kusukela ngesizini edlule kuza kule ngabadlali nezindawo abadlala kuzo.

“Uma ubheka uhlobo lwabadlali esinabo manje sekulula kubo ngoba abanye baqale ngesizini edlule.

“Nalaba abaqale kule sizini akubanga lula kodwa seeyajwayela. Asikafiki ezingeni esifuna kulo ngokokushaya amagoli.

“Kodwa uma ubheka umgqigqo, ukugcina iqembu ebesinalo lindawonye kusisize kakhulu.”

UBobby Motaung uthi okuhle kakhulu ngeqembu abanalo njengamanje wukuthi libunjelwa isikhathi eside.

“Uma ubheka eqenjini esinalo njengamanje kunenqwaba yabadlali abasebancane abadinga ukunikwa isikhathi.

“Nokugcina ithimba labaqeqeshi kusisize kakhulu ekukhuliseni laba bafana,” kwengeza yena. 

Khonamanjalo, iChiefs isekuhambeni e-Egypt kule mpelasonto la iyobhekana khona neZamalek emdlalweni weConfed Cup.

Kuzomele idlale ngokulingana noma inqobe ukuze iqinisekise indawo yayo esigabeni somkhumulajezi.