EzintshaKaizer Chiefs

OweKaizer Chiefs uthi noma kukumbi kodwa kuyagwinyeka

UFlavio Da Silva uphinde waba yiqhawe, engena esuka ebhentshini wafike washaya igoli abanqobe ngalo kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ebigcwele phama. 

Umdlalo ngokwawo awuzange ujabulise kangako njengoba womabili amaqembu engakwazanga ukwaka amathuba acacile. 

NoBen Youssef uvumile ukuthi iqembu lakhe belibukeka likhathele kulandela ukunqoba kwalo koweCaf Confederation Cup la lihlule khona i-AS Simba ukuze lingene esigabeni samaqoqo.

“Besilindele umdlalo onzima,” kusho uBen Youssef. “Bekunzima ukugcina umfutho ofanayo ngemuva kokuwina umdlalo wendebe nokungena esigabeni samaqoqo. 

“Kunzima ukugcina umqondo ofanayo. Sibonile neStellenbosch nayo ihlulwe ngo 4–0 yiGallants ngemuva kokunqoba koweCaf.”

UBen Youssef uthe ukhiye manje wukugxila emiphumeleni kunendlela yokudlala – wathi leyo bazoyibona ngendlela.

“Into ebaluleke kakhulu manje wukunqoba,” kwengeza lo mqeqeshi. “Ngesizini edlule sidlale kahle emidlalweni eminingi kodwa asizange siyithole imiphumela. 

“Manje sesilwela ukunqoba kuqala. Uma kwenzeka sidlala kahle – lokho kuzobe kuyibhonasi.”

IKaizer Chiefs manje seyilungela umdlalo wayo olandelayo la izobhekana khona ne-Orbit College eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.