EzintshaKaizer Chiefs

Inkakha yeKaizer Chiefs yeseka umjiko wokuchoma

Udaba ngu-Alfred Ngubane

UKekana ukhulume kabi ngoMduduzi Shabalala ngemuva kokushaya umjiko wokuchoma emdlalweni wabo ne-AS Simba kwiCaf Confederation Cup. 

UShabalala uqale ukwenza izitayela egibela ebholeni ngesikhathi iKaizer Chiefs ihamba phambili ngo 3-0 kulo mdlalo.

ISimba ishaye igoli layo ngemuva kokuthi abadlali beKaizer Chiefs bese beqale lezi zitayela futhi ibhola lasuka ngakwesokunxele la oShabalala abebenza khona izitayela. 

Umphumela wokugcina walowo mdlalo kunqobe iKaizer Chiefs ngo 3-1, okuyenze yadlulela esigabeni samaqoqo.

UKekana uthi akamhloniphi izimbangi futhi akudingekile emdlalweni okhokhelwayo.

Ngemuva kukaKekana, nomqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou wasveza ukungenami ngokuthi abadlali bakhe badlalele ukuchitha isikhathi nokujabulisa abalandeli.

Lokhu bebekwenza emdlalweni weCarling Knockout ngoLwesibili oludlule – esikhundleni sokuyofuna amanye amagoli.

Babehamba phambili ngo 2-0 ngaleso sikhathi, kanti iMagesi yabe seyithola igoli elenza kwaba ngu 2-1 njengoba iPirates ibingasahlaseli idlalela ukuchoma.

UGould nokho akavumelani noKekana no-Ouaddou, futhi uthi umjiko uyingxenye yomdlalo futhi uyisinongo sokujabulisa abalandeli. 

“Amaqembu awafani, futhi ngenxa yalokho, abalandeli bebhola kumele bajatshuliswe ngobuchule bomjiko uma iqembu lihamba phambili ngamagoli amaningi,” kusho uGould.

“Iningi labalandeli abeza ezinkundleni ngabeKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, kanti la maqembu womabili kumele abajabulise labo balandeli uma kuvela ithuba,” kusho uGould.