
Kuvele kwashuba iSundowns iqhathwa nezikaMokwena
Amaqembu aseNingizimu Afrika asezitholile izimbangi zawo esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League neConfederation Cup.
IMamelodi Sundowns yiyona yodwa emele iNingizimu Afrika kwiChampions League kulandela ukuphuma ngendlela emangazayo kwe-Orlando Pirates.
IPirates ikhishwe yiSt Eloi Lupopo yaseDR Congo sekukhahlelwa amaphenathi okushiye aMasandawana kuyiwo athwele amathemba esizwe kulo mqhudelwano.
ISundowns, ephume isibili ngesizini edlule, ibifakwe kuPot 1 ngenxa yerekhodi layo eliqinile lezwekazi eminyakeni yakamuva.
Lokhu kuqinisekise ukuthi bagwema osondonzima base-Afrika i-Al Ahly, i-ES Tunis, ne-RS Berkane esigabeni samaqoqo.
ISundowns ifakwe kuGroup C, la izobhekana khona ukuhlangana nomqeqeshi wayo wakudala uRulani Mokwena, osekwiMC Alger.
Izophinde ibhekane ne-Al Hilal noSt. Eloi Lupopo — iqembu eliqede amathemba ePirates kwiChampions League.
Kuyathakazelisa ukuthi uma iLupopo ikhishwa kulo mqhudelwano kulandela isikhalo esisadingidwa sePirates, bese kubuyiselwa iPirates, izoba seqoqweni elifanayo neSundowns.
Lokhu kungasho ukuthi kuzoba nomidlalo emibili emikhulu yamaqembu akuleli kulesi sigaba.
Khonamanjalo, iKaizer Chiefs neStellenbosch FC nabo sebezitholile izimbangi zabo kwiCaf Confederation Cup.
Womabili la maqembu e-PSL adlulele phambili ngokukhululeka emzuliswaneni wokuhlunga, iChiefs ihlula i-AS Simba 3–1 kwathi iStellies yashaya i-15 de Agosto yaseGuinea 4–1.
Womabili la maqembu anqobe ekhaya ngemuva kwemilenze yokuqala ephele kungenagoli ekuhambeni.
Amaqembu eCaf Champions League
- Group A: RS Berkane, Pyramids SC, Rivers United FC, Power Dynamos
- Group B: Al Ahly FC, Young Africans, AS FAR, JS Kabylie
- Group C: Mamelodi Sundowns, Al Hilal SC, MC Alger, St. Eloi Lupopo
- Group D: Â ES Tunis, Simba SC, Atletico Petroleos, Stade Malien
FUNDA NALA | Inkakha yeChiefs igqugquzela umjiko wokuchoma
Amaqoqo eCaf Confederation Cup
- Group A: USM Alger, Djoliba, OC Safi, FC San Pedro
- Group B: Wydad AC, AS Maniema, Azam FC, Nairobi United
- Group C: CR Belouizdad, Stellenbosch FC, AS Otoho, Singida Black Stars
- Group D:Â Zamalek, Al Masry, Kaizer Chiefs, Zesco United
